I-SOUTH African Health Products Regulatory Authority (Sahpra), ixwayisa abantu ukuthi bangalokothi basebenzise imithi yomkhuhlane ekhiqizwe e-India, okusolakala ukuthi idale ukuthi kufe izingane eGambia.
I-SOUTH African Health Products Regulatory Authority (Sahpra), ixwayisa abantu ukuthi bangalokothi basebenzise imithi yomkhuhlane ekhiqizwe e-India, okusolakala ukuthi idale ukuthi kufe izingane eGambia.
ISahpra idalule ukuthi yazisiwe ngemithi engekho ezingeni elifanele, ekhiqizwe yiMaiden Pharmaceuticals, yase-India.
Icele abantu ukuthi bangayithengi imithi yezingane ebhalwe ukuthi N°6/2022: Substandard ngoba kusolakala ukuthi inobuthi futhi ayibhalisiwe eNingizimu Afrika. Iqhuba ithi imithi itholakale eGambia, nakwamanye amazwe ukuthi inenkinga.
Amagama alemithi yiPromethazine Oral Solution, Kofexmalin Baby Cough Syrup, Makoff Baby Cough Syrup neMagrip N Cold Syrup.
Zilinganiselwa kweziwu-33 izingane okusolwa ukuthi zishonile eGambia, ebeziphethwe yizinso emuva kokuphuza emiye yemithi ebaliwe.
ISahpra ithe iWorld Health Organization (WHO) yenze ucwaningo oluhlanganise ukufa kwezingane nemithi. Idalule ukuthi imithi inezinga eliphezulu le-diethylene glycol ne-ethylene glycol okungamakhemikhali okuthiwa anobungozi obungaholele ekufeni kwabantu.
Ithe njengoba imithi iphuziswa izingane ubuthi busebenza ngamandla bese ziyagula kakhulu, zibe nezinhlungu kwesingezanzi, ziphalaze, zikhishwe yizisu, zihluleke wukuchama, ziphathwe yikhanda, zibe nokudideka engqondweni bese ziphathwa yizinso.
Kucelwe abantu ababona le mithi ukuthi bangalokothi bayithengele izingane futhi bathinte iSahpra ngokushayela u-012 015 5434 noma bathumele i-email [email protected]
Isikhulu esiphezulu seSahpra, uDkt Boitumelo Semete-Mokokotlela, sithe bakhiphe isitatimende ngoba befuna ukuvikela abantu, wase ecela ukuthi bathinte inhlangano uma bebona le mithi.