UMPHATHI weBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), uMnuz Lesetja Kganyago, uthi akazi ukuthi izokwehla nini imali-mboleko kodwa abantu kufanele babuke amandla emali.
Uthe njengoba amandla emali esehle aba wu-5.9%, kusho ukuthi imali-mboleko izohlala phezulu.
Izolo, uKganyago uthe imali-mboleko izohlala ku-8.25% okwamanje ngoba babuka okwenzeka emandleni emali, ukubiza kokudla, ugesi nephethroli.
Uveze ukuthi intengo yokudla, ekagesi nokunqamuka kwawo nophethroli kunomthelela ekunyukeni nasekwehleni kwemali mboleko.
“Silindele ukuthi kube nozinzo emandleni emali ngonyaka ka-2025. Okwamanje esingakusho wukuthi sibuka amandla emali, asilwi nabantu ngokunyusa noma ukwehlisa imali-mboleko. Ngokwethu sifuna amandla emali abe phakathi kuka-3% no-6%. Asazi noma kusengezeka yini adlule ku-6% uma sibheka izibalo zakamuva kodwa kusengenzeka noma yini,” kusho uKganyago.
Mayelana namabhange akade esebenzisana ukuntengisa amandla eRandi, uKganyago uthe bake baluphenya udaba olufana nalolu ngo-2002, kanti ibhange elithile lasayina isivumelwano licela ukuhlawula.
Uthe uma iCompetition Commission icela usizo lwabo kulokhu bazoyilekelela kodwa okwamanje bazoyekela kuyo ukuba iphenye.
Muva nje, ibhange iStandard Chartered lihlawule uR42.7 million livuma ukuthi lalintengisa iRandi. UKganyago uthe akukho okuningi azokuphawula njengoba kusaphenya iCompetition Commission.
UMnuz Trevor Shaku obhekelele ezokuxhumana kwiSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uthe uKganyago bekufanele ayehlise imali-mboleko ngoba abantu baseNingizimu Afrika bathwele kanzima.
Uthe iSarb ayibalaleli abantu bakuleli, yenza sengathi ayiboni ukuthi abantu bathwele kanzima.
Isazi somnotho sakwaFNB, uNkk Mamello Matikinca-Ngwenya, sithe bebelindele ukuthi imali-mboleko inganyuki njengoba kwenza amanye amabhange ombuso emhlabeni jikelele.
Uthe uyathemba ngonyaka odlule isimo sizoba ngcono nemali-mboleko yehle.