UMKHANDLU wamabandla, iSouth African Council of Churches (SACC) ugqugquzele abantu bakuleli ukuthi baqine emkhulekweni njengoba kwanda izinhlekelele zemvelo.
UMengameli we-SACC, u-Archbishop Thabo Makgoba, uthe babeke usuku lwanamhlanje njengosuku lapho isizwe sonke kufanele sikhulekele izingqinamba ezibhekene neNingizimu Afrika.
Uthe kuzokhulekelwa abapheshukelwe yizindlu nabashonile ngenxa yesimo sezulu esibi KwaZulu-Natal, Eastern Cape naseWestern Cape.
Kuzokhulekelwa nokuthi abaholi bepolitiki babe nobuhlakani njengoba kudingidwa izindlela zokubusa izwe emuva kwemiphumela yokhetho ephoqa amaqembu epolitiki ukuba asebenzisane.
Kuzobuye kukhulekelwe nokuthula ezweni uMakgoba athe kufanele kukhulekelwe emhlabeni jikelele.
“Njengesizwe esisodwa siza phambi kukaNkulunkulu ngomthandazo. Umkhuleko wethu uzozwakala kuNkulunkulu woxolo, uthando nobulungiswa. Sigqugquzela bonke abantu ukuba bathandaze,” kusho uMakgoba.
Uthe osopolitiki uma bexoxa kufanele bakhumbule izidingo zabantu bakuleli, balwe nobuphofu, inkohlakalo, udlame olubhekiswe kwabesifazane, ubugebengu, balungise nemfundo yakuleli.
Udlulise amazwi enduduzo kwabashonelwe yizihlobo zabo ngenxa yesimo sezulu esibi KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
Ucele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokunikelela abakhahlanyezwe yisimo sezulu wabonga nalabo asebenikelile.