INHLANGANO esiza abalimele ezingozini zomgwaqo, iRoad Accident Fund (RAF), imemezele ukuthi imise inkohlakalo kaR2.6 billion obuzokokhwa iminyaka emithathu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba izolo, iRAF iveze ukuthi ikwazile ukuvimbela ukuthi le mali iye ezigebengwini ngenxa yokusebenzisana nezinhlaka ezihlukene zomthetho nabacwaningi mabhuku bayo.
Iveze bawu-32 abantu asebeboshelwe inkohlakalo ethinta iRAF, kukhona nommeli osegwetshwe iminyaka ewu-12 ebhadla ejele.
Isikhulu esiphezulu seRAF, uMnuz Collins Letsoalo, sithe basiqaphe ngeso lokhozi isimo kule nhlangano ukuqinisekisa ukuthi imali ayikhwatshaniswa kodwa isiza abalimele ezingozini.
Ucele abasola ukuthi kunenkohlakalo eyenzekayo kwi-RAF bashayele u-0800 005 919.
Abalimele ezingozini zomgwaqo ubacele ukuthi baye emagatsheni eRAF aseduze nabo noma bashayele u-087 820 1111 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Khonamanjalo, kuleli sonto uphiko lwamaphoyisa, iSpecial Investigations Unit (SIU), lutshele iPhalamende ukuthi luphenya izinkampani zabameli eziwu-102.
Inhloko yabaphenyi beSIU, uMnuz Leonard Lekgetho, uthe balandela imali yeRAF njengoba bathola ukuthi abameli abaphindaphinde izicelo baxebule uR340 million kule nhlangano.
Uveze ukuthi abameli ababephinde izicelo bacelwa ukuthi basayine incwadi yokuvuma ukuthi bazokhokha isikweletu sabo, abanye bazisayina kanti abanye basaphenywa.
Kuzokhumbuleka ukuthi iRAF ithola uxhaso kuhulumeni ngentela ekhokhwa njalo uma uthela uphethroli ebizwa nge-fuel levy. Kuthiwa le ntela yenza uR45 billion ngonyaka.