KUTHOLOZA isomi esitokisini ephoyiseni eliboshelwe inyama yenkomo okusolwa ukuthi yebiwe, kwase kwengezwa namacala, elokuqamba amanga lifungile nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Kuthiwa kuhlwe emini ngesikhathi amaphoyisa efika exhakathisa uzakwabo esemsebenzini ngezikhathi zasekuseni. Iphoyisa lixhakathiswa nje kuthiwa bekukhona nomunye umlisa elisolwa naye kuleli cala, naye olandwe ngezakwadalawane.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uSeargent Mandla Hlubi (37) osebenza esiteshini eNewcastle, uboshwe nomunye umlisa uMnuz Mthobisi Maduma (37). Kuthiwa uHlubi wavula icala ebika ukuthi izigebengu zimbambile zamphuca imoto.
Kuthe uma kuphenywa kabanzi, kwavela ukuthi imoto yayibanjwe ihambisa izigixagixa zenyama okusolwa ukuthi ngeyokwebiwa.
Kuvela ukuthi inyama leyo iyamaniswa necala lokwebiwa kwemfuyo ebeliphenywa ngamaphoyisa esiteshi Ingogo. Kuthiwa uHlubi uboshwe engazelele lutho esemsebenzini, emuva kokuthi uphenyo lukhombe yena.
Kuthiwa kunethimba elingagayelwa mphako eliphenya amacala okwebiwa kwemfuyo abhokile endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile ukuthi babophe abalisa ababili futhi kade bevelile enkantolo bathweswe amacala ngokusemthethweni.
“Amaphoyisa aseNewcastle asebenza icala lokweba imfuyo, ukuqamba amanga kufungiwe nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Kuboshwe abalisa ababili maqondana necala lokweba imfuyo eliphenywa esiteshini Ingogo, omunye wabo wethwese necala lokuqamba amanga kufungiwe nokuphazamisa ingalo yomthetho,’’ kusho uNetshiunda.
UNetshiunda uthe abamangalelwa bavelile eNkantolo yeMantshi eNewcastle kuleli sonto. Kulindelekele ukuthi babuyele enkantolo ngoMsombuluko lapho abazobe bezocela ibheyili.