AZOVINJWA yimigomo amalungu ahlele ukuphazamisa uMengameli Cyril Ramaphosa, ePhalamende uma esethula inkulumo yokuhlahla indlela ezolandelwa nguhulumeni wobumbano eminyakeni emihlanu ezayo eKapa, namhlanje ebusuku.
URamaphosa uzovula iPhalamende ngokuthula inkulumo ezobanjelwa eCity Hall, lapho kumenywe khona izicukuthwane ezifaka nababengomengameli bezwe.
USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, ekhuluma izolo esithangamini sabezindaba ngamalungiselelo alo mcimbi, uveze ukuthi kunemigomo elawula ukuhlala kwezindlu zombili zePhalamende, evimbela ukuphazanyiswa kukamengameli wezwe.
“Kunemigomo emisha ezolandelwa yePhalamende enqinda labo abafuna ukuphazamisa inkulumo kamengameli ukuthi bangakwenzi lokhu. Le migomo iyacacisa ukuthi umcimbi wakusasa (namhlanje), owokuvulwa kwePhalamende kuphela, hhayi okunye. Le migomo ibekelwe ukuthi kube nesizotha ngoba inkulumo kuzobe kungeyokuhlahla indlela ngezinto ezizokwenziwa nguhulumeni omusha,” kusho uNkk Didiza.
Uthe akazi noma likhona yini iqembu elizoduba ukuvulwa kwePhalamende.
Iqembu iMK yaduba ukuhlala kwePhalamende lapho kwakhethwa khona usomlomo, iphini likasomlomo kanjalo nomengameli wezwe.
Kubhekiwe ukuthi ngabe kuzoya ngokwamagama enkehli kwi-EFF, eyathembisa ukuthi ngeke isamphazamisa uRamaphosa uma ethula inkulumo ebhekise esizweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu belimisa kabi uRamaphosa uma ethula le nkulumo lize ligcine selikhishwa ngesankahlu ePhalamende.
UNobhala wePhalamende, uMnuz Xolile George, uveze ukuthi lo mcimbi uhlelelwe phakathi kukaR6 million kuya kuR14 million.
Uveze ukuthi abazi imalini ezogcina isebenzile esabelweni abasibekile.
Ubalule nokuthi sekuphothuliwe ukwakhiwa kwamahhovisi angu-155, kwangu-203 asha ngesikhathi kusha iPhalamende.
“Sishoda ngamahhovisi angu-54 ukuze kube namahhovisi enele. Sithemba ukuthi umsebenzi wokuphothula ukwakhiwa kwePhalamende kabusha, kuzophela ngo-Ephreli 2026,” kusho uGeorge.
USihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, uNkk Refilwe Mtsweni-Tsipane, uthe bameme ababengomengameli okubalwa noMnuz Jacob Zuma, ababengoSomlomo bePhalamende okubalwa uNksz Baleka Mbete noNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ohamba amacala enkohlakalo enkantolo.
UNkk Didiza uthe abakazi ukuthi ubani ozofika nongeke aphumelele kwabamenyiwe okwamanje.
“Sizokwazi kusasa ntambama uma sekuvalwe uhlelo lokulandwa kwezinto zokungena ukuthi obani abazofika. Okwamanje ngeke sikwazi ukusho ukuthi ubani uyeza noma akezi,” kusho uNkk Didiza.
Uthe ingqephu izobe idla umunyu kwizimenywa wathi nomkhosi wezokuvikela uzoviliyela kuye ngokuthi sinjani isimo sezulu.