I-UNITED National Transport Union (Untu) isola inkampani yakuleli yezitimela, iPassenger Rail Agency South Africa (Prasa), ngokuzama ukudiliza abasebenzi isinyenyela. Lokhu kulandela ukuthi amalungu e-Untu ebikele inyunyana yawo ukuthi iPrasa inezithangami eziphoqa abasebenzi ukuba bavolontiyele ukushiya umsebenzi.
I-Untu iveze ukuthi amalungu ayo, ayitshele ukuthi izikhulu zakwaPrasa zihambela izifundazwe ezehlukene bese zithi asebekhulile kufanele bathathe umhlalaphans kanti nalabo abaneminyaka eminingana besebenza kule nkampani kufanele bavolontiyele ukushiya.
Esitatimendeni sabezindaba, iPhini likaNobhala we-Untu, uMnuz Dan Khumalo lithe bakhathazekile ngesinyathelo sePrasa ngoba akekho umsebenzi abafuna adilizwe kodwa bafuna izinkampani zikahulumeni zidale amathuba omsebenzi.
“Sikhathazekile ukuthi iPrasa ihlela ukudiliza abasebenzi isinyenyela njengoba ibabizela emakhoneni ingasitsheli thina esibamele. Sagcina izikhulu zisitshela ukuthi kwehlile ukusetshenziswa kwezitimela njengoba kudala abantu bebehamba ka-600 million ngezitimela kodwa manje sebehamba ka-15 million ngonyaka,” kuchaza uKhumalo.
Uthe iPrasa yabatshela ukuthi izodinga uR7 billion kule minyaka ezayo ukubhekela izindleko zokusebenza kodwa ayizange ibalule ukuthi izodiliza abasebenzi.
“Sizocela umhlangano ophuthumayo nezikhulu zasePrasa ngoba asifuni abasebenzi badilizwe. Sifuna izinkampani zikahulumeni zidale umsebenzi. Asithandi nokuthi izinkampani zingawulandeli umthetho ngoba ukubeka kucace ukuthi yini okufanele yenziwe uma kuzodilizwa abasebenzi,” kuchaza uKhumalo.
Imizamo yokuthola iPrasa ukuze iphawule ayiphumelelanga njengoba bengayiphendulanga i-email abathunyelelwe yona.