INATIONAL Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ibhalele ikomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zikahulumeni ePhalamende, ikhala ngesimo esingesihle kwiRoad Accident Fund (RAF).
UNkk Phakamile Hlubi okhulumela iNumsa, uthe i-RAF ayisenabo abameli ababhekele izinxephezelo ezifakwa ngabantu, lokhu kusho ukuthi abasuke belinde ukukhokhelwa balinda isikhathi eside njengoba amacala ebambezeleka ezinkantolo.
Ubalule ukuthi ngesikhathi i-RAF ithi izama ukwehlisa izindleko, abantu abampofu abasuke belimele belinde ukukhokhelwa izindleko zabo zodokotela nemali ezobasiza ukuthi baphile, bayabambezeleka.
Uveze ukuthi ngisho odokotela okumele abantu baye kubona, sekufanele baphasiswe yi-RAF ngoba uma olimele eziyela kudokotela ongaphasisiwe yi-RAF ayimkhokheli lowo dokotela.
UNkk Hlubi Majola uthe babhalele ePhalamende ngoba bengeneme ngendlela isikhulu se-RAF, uMnuz Collins Letsoalo, esiphethe ngayo.
Usole uLetsoalo ngokungabacabangeli abasebenzi njengoba sekufanele basheshise babheke izicelo zesinxephezelo eziwu-200 umuntu ngamunye.
Ngosuku kufanele baye emacaleni ayisikhombisa abasuke bewathamele ngobuchwepheshe.
Uthe i-Numsa ikhethe ukubhalela ePhalamende ngoba i-RAF inezinhlelo zokudiliza abasebenzi abawu-472.
Uthe ukubhalela kwabo ePhalamende yingoba bafuna ukuthi i-RAF ibhekele abantu bakuleli, isheshise izinxephezelo zabo ezingeke zisheshiswe uma kuncipha isibalo sabasebenzi.
Ngesikhathi i-RAF ivele ngaphambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi, yaveza ukuthi uhlelo lokungabi nabameli luyisiza ngokuthi yonge uR17 billion osiza ukukhokhela izinxephezelo zabantu.