SIBAJABULISILE isinqumo sentankolo sokumnqabela ibheyili owesilisa oneminyaka engu-60 osolwa ngokudlwengula intombazane engumakhelwane wakhe eneminyaka eyishumi.
Owesilisa wakwa-L KwaMashu ubevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
Usolwa ngokudlwengula umgilwa ephindelela kusukela ngoMashi nonyaka ngaphambi kokubanjwa kwakhe oqotsheni ngasekupheleni kwenyanga edlule.
Uyise kamgilwa ongeke adalulwe ukuvikela umgilwa utshele Isolezwe ukuthi basamukela ngezandla ezimhlophe isinqumo senkantolo.
“Kusijabulisile ukuthi anganikwa ibheyili njengoba sasishilo ukuthi asisamdingi emphakathini,” kusho uyise kamgilwa.
Uthe okubuye kwashayela isipikili sokugcina ekutheni angayinuki ibheyili umsolwa ukuthi ubengaphandle ngebheyili ecaleni lokudlwengula owesifazane ngasekuqaleni kwalo nyaka.
“Inkantolo ivele yakubeka kwacaca ukuthi kusobala ukuthi umsolwa akakufanele ukubuyiselwa emphakathini njengoba enze icala elifanayo ebe engaphandle ngebheyili ecaleni elifanayo,” kusho uyise kamgilwa.
Uphethe ngelithi, asebekulindele ukuthi liqulwe leli cala lize lifike ekugcineni kanti bafisa anikwe udilikajele.
Icala libuyela enkantolo ngo-Agasti 7.
Khonamanjalo, lihlehlele uJuni 9, ukuze aqhubeke acele ibheyili uthisha (54) wasePrince Dabulamanzi Primary osolwa ngokudlwengula umfundi (10) ekupheleni kwenyanga edlule.
Uyise womgilwa elingeke lidalulwe igama lakhe, uthe basamile ekutheni abafuni athole ibheyili uthisha ngoba uyingozi kubafundi nasemphakathini.
Ngesikhathi kuqhubeka leli cala, bekubhikisha amalungu omphakathi, okukhona kuwo namalungu eNFP.
UMnuz Siphamandla Ntombela weNFP uthe baqaphele ukuthi aboMnyango wezeMfundo okubandakanya ubuholi besikole bebengabonwa nangokhalo.
“Isikole asikaze sivele emndenini wengane ukuzobabaza umhlola. Sesibonga umphakathi obuphume ngobuningi nesibindi somama abangomakhelwane bomsolwa abadele konke bazokweseka umgilwa,” kusho uNtombela
“Sifisa umndeni wengane uhlelelwe ukwelulekwa ngokwengqondo ngoba babukeka behlukumezekile,” kusho yena.