KUGQAME isifundazwe i-KwaZulu-Natal kuklonyeliswa izikole, emqhudelwaneni wazo kazwelonke, i-Road Accident Fund ngokubambisana nenhlangano engenzi nzuzo i-Safer South Foundation.
Ngalomqhudelwano kuhloswe ukugqugquzela abafundi ukuthi baqhamuke nezisombululo ukugwema izingozi emgwaqweni.
Emcimbini wokumenyezelwa kwezikole ezidle umhlanganiso obuse- Olive Convention Centre eThekwini ngoLwesihlanu, zingu- 20 izikole ebezibambe iqhaza emqhudelwaneni ezivela ezifundazweni ezine okuyi-Gauteng, i-Limpopo, i-Eastern Cape ne-KwaZulu-Natal.
Kwezingu-10 eziphumelele, ezine kuzona zivela kulesi sifundazwe. Umqhudelwano uqale nyakenye, abafundi bezikole zamabanga aphakeme bebenxuswe ukuthi babhale indatshana ezoveza izisombululo ekutheni zingagwemeka kanjani izingozi emgwaqeni.
Abamabanga aphansi bona benze imidwebo ethile ezofundisa futhi ikhombise okungaba yizisombululo ekugwemeni lesi sihlava
UNkk Riah Phiyega we-Safer South Africa Foundation, enikezwe umsebenzi wokugqugquzela izikole ukungenela lo mqhudelwano kulezi zifundazwe, unxuse izihambeli ukuthi zibambe iqhaza ngokuqinisekisa ukuthi isihlava sezingozi emgwaqweni siyagwemeka.
“Uhlelo lweqhinga lokuthuthukisa elakuleli esigabeni sikazwelonke lwango- 2010, lugcizelela ukuthi ngonyaka u-2030 zibe sezehle okungenani ngo-50% izingozi ezenzeka emgwaqweni.
“Ngakho-ke uma kufundiswa izingane ukuthi ziqhamuke nesisombululo, yinto enhle leyo,” usho kanje.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uMnuz Lisa Mangcu obehambele lo mcimbi, uphonsele inselelo uMnyango wezeMfundo kuleli ukuthi kube nesifundo esifundisa ngokuphepha emgwaqweni.
“Izingozi zomgwaqo isikhathi esiningi zidlula nemiphefumulo yabantu abasha abayikusasa. Kuyaphoqa ukuthi sibe nesifundo ngokuphepha emgwaqweni ukuvikela ikusasa lakuleli.
“Sincoma abakwa-Road Accident Fund ne-Safer South Africa Foundation ngokuqhamuka nalolu hlelo olufundisayo ezikoleni. Intsha yango-1970, yasukuma yalwela amalungelo.
“Ngakho-ke nentsha yanamhlanje nayo mayithi sekwanele ngezingozi emgwaqweni, iveze izisombululo,” kusho uMangcu.
Izikole ezine kulesi sifundazwe eziklonyelisiwe, esabakhubazekile iDas Special School, elale isithathu kumunxa wezikole zabaphila nokukhubazeka, saklonyeliswa ngo- R15 000.
Isikole samabanga aphansi saseGingindlovu, i-Ensingweni Primary sidle umhlanganiso kuzona zonke izikole ebesiqhathwe nazo zamabanga aphansi, semuka no- R120 000.
EsaKwaDukuza i-Nonhlemvu High, salala isithathu emkhakheni wezamabanga aphakeme saklonyeliswa ngo- R25 000, silandela ngemuva esaseMlaza, Igagasi High esilale isibili esithole u- R50 000.
Ezinye izikole eziklonyelisiwe ezivela kwezinye izifundazwe i-Thusong Special School (Gauteng) ehlomule u-R35 000, Fuluthelo Special School (Limpopo) sithole u-R50 000, Ntilini Full Service neMount Aycliff Full Service zase-Eastern Cape zithole u-R17 000 isikole ngasinye.
I-Pele Primary ithole u-R70 000 neVuwane Secondary ethole u-R100 000 zombili ezivela esifundazweni iGauteng.
Ezinye izikole ezingaphumelelanga zinikezwe umthobanhliziyo ka-R5 000 isikole ngasinye.