EYOKUNQANYULWA kwesabelomali emnyangweni weMfundo eyisiSekelo, ikhwelo lokuthi asule esikhundleni ungqongqoshe walo mnyango kanjalo nokulungiswa kwezimo zokusebenza zothisha ziseqhulwini engqungqutheleni yeSadtu eqhubeka eGoli.
Kule ngqungquthela esongwa kusasa lapho kuzomenyezelwa nabaholi abasha bale nyunyana, amadlelandawonye ne-ANC afuqe umkhankaso wokuthi kuliwe nenkinga yokunqanyulwa kwesabelomali nokuthi kungabikhona uthisha ozodilizwa ngenxa yale nkinga.
UNobhala jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila, uthe bazoma neSadtu ekutheni kungabikhona uthisha ozodilizwa.
“Sifuna kufakwe imali kwezemfundo ngoba yilona thuluzi elibalulekile lokukhulula abantu ebubheni. Sizoyilwa eyemizamo yokudiliza othisha ngenxa yale nkinga.”
Nomengameli weCosatu uNksz Zingiswa Losi, uhambe emazwini kaMapaila, wathi ngeke bavume ukuthi kudilizwe abasebenzi.
Uthe ziningi izinto okusamele zilungiswe kwezemfundo okubalwa ingqalasizinda, ukuphepha kothisha nabafundi nezinye.
“Ngeke sivume ukuthi izinkinga zemali ziholele ekutheni kudilizwe abasebenzi. Asebekuhulumeni wokubambisana abavela kwamanye amaqembu, sebeyazimangalisa manje ukuthi izinselelo zokunqanyulwa kwesabelomali zinomthelela onzima emikhakheni ehlukene,” kusho uNksz Losi.
Uthe laba bamaqembu asebengongqongqoshe, bebehlale beshumayela ivangeli lokuthi kuncishiswe isibalo sabasebenzi.
“Manje njengoba sebekuhulumeni sebebona ngenye indlela, sebefuna kufakwe imali okuyinto esasihlala sikhala ngayo. Uma kudilizwa othisha sizokwanda isibalo sabafundi abazosala dengwane emakilasini.”
UMapaila uthe kumele uNksz Siviwe Gwarube, asule esikhundleni ngokuduba ukuhambela umcimbi wokusayinwa komthetho wezikole iBela Act.
“Sizowuvikela lo mthetho kuze kube sekugcineni. UMengameli Cyril Ramaphosa kumele ngabe usamxosha emnyangweni uma ngempela kuwuyena oqasha aphinde adilize ongqongqoshe,” kusho uMapaila.
Ekhuluma nesiteshi sethelevishini izolo uNksz Gwarube, uzivikele wathi uRamaphosa wayazi ukuthi ngeke abe khona kulo mcimbi.
“Njengoba sikuhulumeni wokubambisana kuzoba khona ukuhluka kwemibono. Akumele ngoba umuntu uqhuzukile bese esheshe exoshwa,” kusho uNksz Gwarube ezithethelela njengoba bebaningi abathi akaxoshwe.
ISACP ixwayise neKhomishini yezoKhetho kuleli, ukuthi ingavumeli ukutshelwa abathile ukuthi ingabaqashi othisha beSadtu uma kunokhetho ezweni.
Uthe abanye babantu abasuke bengamele ukhetho basuke bengazi ngisho nomthetho ngakho kubalulekile ukuthi abasebenzi babe yingxenye yokwengamela ukhetho.
“ISadtu kumele iqhubeke nokusebenza ngesikhathi sokhetho njengabo bonke abasebenzi kuleli. Ayingavalwa ngenxa yokuthi kunabantu abasuke befaka ingcindezi.”
Usho kanje, amanye amaqembu ezepolitiki okubalwa ne-EFF, ahlale ekhala ngokuthi awafuni iSadtu ilawule ukhetho.