IZODLELWA impahla inhlangano ebusayo emuva kokuthi iNkantolo eNkulu eGauteng, ikhiphe imvume yokuthi kwenziwe njalo ngenxa yesikweleti sikaR102 million.
I-ANC ikweleta inkampani i-Ezulwini Investments eyayiyenzela impahla yokukhankasela ukhetho lwango-2019. Kuvela ukuthi emuva kwalokho le nkampani ayikaze ikhokhelwe.
I-ANC ike yalahlwa yileli cala ekuqaleni yayalelwa ukuthi ikhokhe kodwa yaledlulisa udaba ikhala ngokuthi akaze ibe nenkontileka nale nkampani kanti futhi imigudu yangaphakathi ayilandelwanga ngesikhathi iqashwa.
Inkantolo ithe isikhonzi sayo sinegunya lokuyoshaqa impahla ekomkhulu le-ANC iLuthuli House, eGauteng, ukuze kukhokhelwe inkampani efuna imali yayo. Kwenzeka konke lokhu nje, i-ANC ike yaba sematheni ngokuba nezinkinga zemali ingasakwazi nokuholela abasebenzi bayo.