UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ubonise injabulo ethula umbiko ngesimo sobugebengu kuleli nokuboshwa kongqondongqondo abambalwa ezifundazweni ezahlukene kuleli.
UCele uveze ukuthi amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukunqanda ubugebengu obuhleliwe, ngesikhathi amanye elwa nokubamba abasolwa ngobugebengu obucayi obuhlanganisa ukugetshengwa kwezimoto zemali.
“Kuyangithokozisa ukuveza ukuthi eNorthern Cape amaphoyisa abopha abasolwa abane abadabuka eNigeria, abebehlela ukubulala amaphoyisa. Kuthiwa laba bakuleli ngokungemthetho futhi bahlela ukubulala amaphoyisa ngoba ebaphazamisa ekudayiseni izidakamizwa,” kusho yena.
UCele uthi yize imibiko efana nalena ingakhishwa esidlangaleni ngaso sonke isikhathi, lokho akusho ukuthi amathimba akhethekile amaphoyisa awasebenzi kanzima ukungqanda ubugebengu obungakenziwa.
Ubuye wancoma ukusebenza kwamaphoyisa ngokuboshwa kukaRalph Stanfield nomkakhe uNicole Johnson. UCele uchaze uStanfield njengomgulukudu osehluphe kakhulu esifundazweni iWestern Cape.
“Okumangazayo ngalo mlisa wukuthi njalo uma sinesithangami sabezindaba eKapa akekho noyedwa umuntu owayebuza ngaye ngezinsolo ezibhekiswe kuye eziningi.
Ngisho nabezindaba imbala babengaliphathi igama lakhe kodwa kuyaziwa ukuthi kunemindeni esiyafuduka yashiya amakhaya ayo
Funda Nalolu daba: Abe-Ayepyep bakhala ngomgulukudu ofuna ukuyithatha ngodli
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwavela izindaba ezithi kunomgulukudu ofuna ukuthatha ngodli indawo yobumnandi i-Ayepyep okuyindawo kaDJ owaziwayo owadutshulwa wafa ngonyaka odlule, u-Oupa DJ Sumbody Sefako nophathina wakhe kwezamabhizinisi uKagiso Setsetse.
USetsetse wahlaba umkhosi ecela ukuvikelwa ngoba kunomgulukudu osatshwayo nomkakhe oyimenenja yale ndawo yobumnandi eKapa, asebazenzela umathanda. Lo somabhizinisi waqoma ukushiya izwe wayo bhaca eDubai.
“Ngizobulawa. Ngeke ngibuye eNingizimu Afrika ngoba ngiyazi ngizobulawa ngifika-nje. Imigulukudu ixhumene neziphathimandla eziningi zizokwazi uma sengibuyile ekhaya, okuyinto ezofaka impilo yami engcupheni,” kusho uSetsetse etshela abeDaily Maverick ekuqaleni kwalo nyaka.
Encwadini esenkantolo, kuvela ukuthi uSetsetse ne-Ayepyep banesikhalo ngoNicole Johnson ongumphathi kule ndawo nomyeni wakhe uRalph Stanfield, okuthiwa ungumholi weqembu lemigulukudu elaziwa ngama-28.
Kwavela ukuthi uStanfield usolwa ngokusabisa abasebenzi kule ndawo yobumnandi nokuyithatha ngodli ayenze eyakhe.
Esitatimendeni esakhishwa ngabe-Ayepyep, kuthiwa uStanfield wayithatha ngodli le ndawo futhi ezenzela umathanda kuyona.
“Abaningi bayamazi uRalph Stanfield futhi bayamsaba ngoba uzenzela umathanda yonke indawo. Yize sinayo incwadi yenkantolo enqanda lo mlisa ukuba enze lokhu futhi kunecala lobugebengu avulelwe lona, kodwa uyaqhubeka nokuthuma abasebenzi bakhe ukuthi benze umathanda,” kusho isitatimende.
UStanfield nomkakhe baboshwa ekupheleni kwenyanga edlule ngamacala okugebenga nokusabisa. Lawa macala ayamanene nodaba lwendawo yobumnandi i-Ayepyep eKapa.
Bavela enkantolo ngomhla ka-9 kwephezulu icala labo lahlehliselwa umhla ka-11 lapho okwakulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili.
Sebebuyela enkantolo nababili abasolwa nabo, uJohannes “Bal” Abrahams noDenver Booysen, kwavela ukuthi luyanda uhlu lwamacala abazobhekana nawo njengoba kuvela elokweba imoto, inkohlakalo nokugebenga.
Kuthe kusenjalo, uMbuso waveza ukuthi kuboshwe omunye umsolwa, uJose Brand ozojoyina abane futhi uzobekwa necala lokuzama ukubulala elifaka noStanfield phakathi.
Bagqunywe ejele iPollsmor njengoba isaqhubeka imizamo yabo yokuthola ibheyili.