INJABULO ibibhalwe ebusweni kosomabhizinisi abancane njengoba benikelelwe ngezinsiza zokusebenza nguMphathiswa wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi Amancane, uNksz Stella Ndabeni-Abrahams, eThekwini ngoLwesine.
Labo somabhizinisi bebekhala ngezingqinamba ezahlukene okubalwa kuzo ukuba nefriji elincane bagcine bengakwazi ukugcina inyama eningi noma iziphuzo.
UNkk Thobekile Makhoba onekhishi lokudayisa ukudla enkabeni yeTheku ekhuluma neSolezwe, uthe ahlomuhle ngakho kuzomsiza kakhulu.
“Ngihlomuhle, ngesitofu segesi, ibhodwe, ifriji kanye netafula okuzongilekelela kakhulu ekutheni ibhizinisi lami liqhubeke liye phambili okuzogqugquzela nabanye ukuthi bafake izicelo ukuze bahlomule,” kusho uNkk Makhoba.
Uthe ziningi izingqinamba ahlangabezana nazo ngoba ubengenazo ezinye zezinsiza.
“Kwesinye isikhathi amakhasimende ami abefuna iziphuzo, uthole ukuthi anginazo ngenxa yokuthi ifriji lami lincane futhi bengithenga inyama njalo ngoba bengingakwazi ukuthenga eningi,” usho kanje.
UMnuz Thalente Ndlovu oqhamuka eSiyathuthuka Madoda Multi-Purpose Cooperative ezinze eJozini abambisene kuyo noMnuz Hlobisani Thabede, banebhizinisi lokwenza ama-tissue, uthe njengoba behlomule ngeloli kubasize kakhulu lokho ngoba bebengakwazi ukuzilandela impahla.
“Iloli lizosisiza kakhulu ngoba besingakwazi ukuzilandela impahla eSappi ngoba umthamo wempahla esiwuthengayo mkhulu kakhulu okwenza singakwazi ukulayisha, sigcine sesiliqasha iloli,” kusho uNdlovu.
Uthe ukuqasha iloli elizobathuthela impahla kubiza kakhulu.
“Bekumba eqolo sikhokha imali ecishe ifike ku-R15 000 ngokuqasha iloli. Sesizokwazi ukufaka i-order bese siyazilandela thina. Izinsiza zokwenza i-tissue esizitholile zizosisiza ekutheni sikwazi ukusebenza ngoba ezinyangeni ezedlule silimele kakhulu njengoba sisanda kuqala-nje ngo-2022 ukusebenza,” usho kanje.
Uthe impahla yokwenza i-tissue ibiza kakhulu futhi amafemu akhiqiza yona akude nabo. Uthe nemali abahlomule ngayo okungu-R1 197 25,00 izobasiza kakhulu njengoba beyibhizinisi elisakhula. Uma bethole i-order elikhulu bebengakwazi ukuhambisa impahla, kuphoqe ukuthi lowo othengayo azilandele impahla obekugcina sekubalahlekisela ngamakhasimende.
UNgqongoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, uNksz Stella Ndabeni-Abrahams, ugcizelele ukuthi abahlomule ngezinsiza abasebenzisane futhi besekane.
“Kubalulekile ukuthi njengosomabhizinisi abancane nisebenzisane futhi nakhe namathuba emisebenzi ukuze kuxoshwe ikati eziko,” kusho uNksz Ndabeni-Abrahams.
Uthe izimvume zokudayisa azingasetshenziselwa ukucindezela osomabhizinisi abasebancane. Uthe bayasebenzisana noMnyango wezeMfundo ukuze abaneziqu abangaqashiwe basebenzisane nosomabhizinisi abancane, waveza ukuthi bazothatha abaneziqu abangu-1 500 kuzwelonke. Uphinde wagcizelela ukuthi ngaphansi komthetho we-National Small Enterprises Act, bazovula ihhovisi lommeli ukuze lisize osomabhizinisi babike uma bexhashazwa.