INHLANGANO ebhekela ukusebenza kwentela yomphakathi ijabule ngokuthi i-Eskom isizobika ngakho konke okwenzeka emalini yayo.
NgoMashi kwasuka umsindo ngesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ehlongoza ukuthi i-Eskom ingavezi imali emoshekile ukuze ingabi negama elibi uma iboleka imali.
Kuleli sonto uGodongwana umemezele ukuthi i-Eskom kufanele ithule umbiko wemali ofana nowezinye izinkampani, iveze ngisho imali eyibhubhudlile nemoshiwe.
Isikhulu se-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), uMnuz Wayne Duvenage, sithe kuyajabulisa ukuthi uGodongwana uguqule isinqumo ebesizofihlela umphakathi ngokusebenza kwemali e-Eskom.
“Ukushintsha kukahulumeni kukhombisa ngokusobala ukuthi uluzwile ulaka lwabantu. Ngokuzayo kufanele athinte umphakathi ngaphambi kokuthatha izinqumo ezinjena. Siyathemba ukuthi uNgqongqoshe uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izinkampani zikahulumeni zibeka isimo sazo semali obala bese ziza nezinhlelo eziqondile zokuletha uguquko oluhle ekuphathweni kwemali,” kusho uDuvenage.
Uveze ukuthi kubalulekile ukuthi izinkampani zibeke obala okwenzeka emalini yazo ukuze abaziboleka imali bakwazi ukuzinika inzalo ehambisana nesimo sazo.
Wenze isibonelo sokuthi kuyenzeka inkampani ingabolekwa imali ngoba sekubonakala ukuthi ayikho esimeni sokudala izikweletu ezintsha.
“I-Outa enye yezinkampani eyayibhalele uNgqongqoshe isho ukuthi ayihambisani nokuthi i-Eskom ifihle okuthile ngesimo sayo semali. Uma uhulumeni ezimisele nokulwa nenkohlakalo nokumoshwa kwemali ezinkampanini zakhe kufanele aziphoqe ukuthi zibeke konke obala,” kusho uDuvenage.
ISouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ithe iyakwamukela ukuthi i-Eskom isizolandela imithetho yePublic Finance Management Act (PFMA) ngokuthi ibike konke ngemali yayo.
ISaftu enye yezinhlangano eziwu-56 ezabhalela uMnyango wezeziMali zisho ukuthi azineme ngokuthi i-Eskom ifihle ngokumosheka kwemali yayo.
Ithe lesi sinqumo sizosiza le nhlangano ekulweni nenkohlakalo.