KUPHAMBENE noMthethosisekelo wezwe ukugqunywa kwesiboshwa ngasodwana amahora angu-23 singaxhumani namuntu okuyinto egcina isilimaza emqondweni nasemzimbeni
Lokhu kudalulwe u-Edwin Cameron oyijaji lophiko oluzimele oluqaphe ukusebenza kwamajele, i-Judicial Inspectorate for Correctional Services (JICS).
UCameron uthe umthetho wezwe nasemhlabeni jikelele ukubeka kucace ukuthi ukugqunywa kwesiboshwa ejele akumele kudicilele phansi ilungelo nesithunzi saso.
Uveze ukuthi kuphambene nomthetho okwenzeka ejele laseBhongweni, eKokstad naseKgosi Mampuru II C-Max, ePitoli.
“Amakhulu eziboshwa ezihlala ngazodwana kulamajele amabili. Ezinye iziboshwa zihlukumezekile ngokugqunywa kwazo isikhathi eside ngazodwana emakhulukuthu, “ kusho uCameron.
UCameron uyahambisana nokuthi zijeze ngamacala eziwenzile iziboshwa kodwa lokho kungabi sengathi kuyaliwa nazo noma kuyaphindiselwa.
“Umthetho uthi isijezo sesiboshwa ukusincisha inkululeko yaso nokuphila impilo esiyithandayo kodwa akusho ukuthi kumele usiphathe ngendlela engenabo ubuntu,” kusho uCameron.
Uphakamise ukuthi iziboshwa zingagcinwa ngazodwana isikhathi eside kungenasidingo ngaphandle uma kunesizathu.
Ufuna nokuthi zivunyelwe ukuba zibonwe izivakashi futhi zikwazi ukufona.
Usho kanje ekhuluma nabeziko lezindaba iNewzroom Afrika.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo uthe sekuyihaba ukuqhathanisa isimo samajele manje nokwakukade kwenzeka ngesikhathi sobandlululo ngoba kwehluke kakhulu.
UNxumalo uqhube wathi emajele okukhulunywa ngawo kuvalelwe kuphela iziboshwa eziyingozi futhi eziqhamuka kwamanye amajele ngenxa yezokuphepha.
“Akulona iqiniso ukuthi izwe linohlelo lokugquma iziboshwa ngazodwana. Asikho isiboshwa esivalelwa amahora angu-23 ngaphandle kokuxhumana nabanye abantu,” kusho uNxumalo.
Uthe iziboshwa zinikwa ihora lokuzivocavoca, zigeze, zixhumane nabezempilo uma kudingeka, ziyavakashelwa futhi ziyafona.