BABHEKENE nengwadla abanye othisha abafundisa uGrade R KwaZulu-Natal, abathe ngqu emabhange bafica itshe lome inhlama, imali ingabonwa.
Labo thisha bekumele bahole ngoLwesibili kodwa bafike imali ingekho kuma-akhawunti abo.
UMengameli weNatu uMnuz Sibusiso Malinga, ugxeke umnyango wathi awubacabangeli labo thisha.
Uthe bathathwa kancane ngoba beyingcosana ngoba ngeke laba abanye kuthiwe abakhokhelwe.
“Amanyala lawa enziwa ngumnyango ngoba labo thisha babalulekile ngoba yibona abafundisa isisekelo semfundo.
“Banezikweletu okumele bazikhokhe, kuvele kuyaziwa ukuthi njalo ngenyanga kumele bahole ngakho kuyaxaka uma bengasaholi,”kusho uMalinga.
Uthe umnyango uhlela ukuthi uGrade R ube yimpoqo kodwa izinsiza azikho.
Uqhubeke ngokuthi baqalelani ngokufanele bagcine ngakho, kumele ngabe kunazo zonke izinsiza ngaphambi kokuba kuthiwe uGrade R uyimpoqo.
Bazokhokha ngani uma usuyimpoqo? ebuza. “Ngaphambi kokuba ube yimpoqo zonke izidingo zakhona okubalwa nokuholela othisha kumele zibekhona,” kusho uMalinga.
UDkt Imran Keeka okhulumela i-DA kwezemfundo esiShayamthetho, ukhale ngokuthi umnyango ufuna ukwenza uGrade R ube yimpoqo ekubeni imali ingekho.
Ekhuluma ngesikhathi kudingidwa eyoMthethosivivinywa wezikole iBasic Laws Amendment Bill esiShayamthetho, uthe akazi kwamali ukuthi izovelaphi njengoba uGrade R befuna ube yimpoqo ekubeni umnyango wesifundazwe uhlale unezinkinga zesabelomali.
Umnyango wezemfundo esifundazweni uthembise ukuthi bazokhokhelwa kusasa abangaholanga.
Esitatimendeni somnyango, uveze ukuthi labo thisha baqashwa isikhathi esiwunyaka, okuyinto eyenzeka ngisho ezingeni likazwelonke.
“Izinkontileka zabo zivuselelwa njalo ngonyaka, uma kuqala unyaka wezimali ngo-Ephreli. Nakulo nyaka kwenzeke okufanayo, kwalungiswa neyamaholo abo ango-Ephreli 30, 2024.
“Iningi labo bakhokhelwe ekupheleni kwenyanga edlule, kodwa abanye bangakhokhelwa.
“Imbangela yokungaholelwa kwabanye kube wukulethwa kwezinto ezingaphelele, okwenzeke ngesikhathi befakwa ohlelweni lokukhokhelwa kwi-Persal, ngo-Ephreli 15, 2024.
“Imali yabo isifakiwe, bazoyithola ngoMeyi 3, 2024, umnyangon uzokhokha kabili ngohlelo lwePersal,” kusho isitatimende.
Lesi sitatimende siveze ukuthi umnyango ukwazi ukukhokha kabili ngenyanga ngohlelo lwe-Persal.
Umnyango uxolisile kulabo abangayitholanga imali kodwa wathi nakanjani bazoyithola kusasa.