UKWANDA kwezehlakalo zodlame olubhekiswe kothisha ngabafundi ezikoleni zakuleli, sekwenze bakhala ngokuthi abanazo ezinye izindlela zokuqondisa abafundi selokhu kwavalwa induku.
Izinyunyana zothisha zikhala ngokucindezelwa kwamalungu azo njengoba nomthetho uvikela abafundi.
Uma uthisha eke waqondisa umfundi, emntshontsha ngenduku uma ebhadanywe oqotsheni, ubhekana necala elimkhomba emnyango, axoshwe angakwazi nokuthi aphinde afundise kuleli.
Kodwa uma umfundi etitinye uthisha, uma isigungu sesikole simthole enecala, umiswa izinsuku ezimbalwa bese ebuyiselwa esikoleni.
NoMnyango weMfundo eyisiSekelo, ukhale ngokuthi uma umfundi exoshwa esikoleni asuke enze icala kusona, kudingeka uphinde umfunele isikole ngoba akumele kube nomfundi ozobhuquza ekhaya angafundi.
Ukusabalala kwe-video yesehlakalo esenzeke eGlenvista High eGauteng, muva nje, lapho kungongaphansi nongaphezulu phakathi kukathisha nomunye wabafundi, kwenze izinyunyana zathi kumele kwenziwe okuthile ngoba othisha abaphephile.
Uthisha kule video ubonakala ezama ukubhula lo mfundi ngesihlalo, emuva kokuvuka othulini.
UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, ukhale ngokuthi isiyinsakavukela ezikoleni eyodlame olubhekiswe kothisha ngabafundi .
Uthe izikole kumele zibe yizindawo ezingenalo udlame wathi nosizo olunikezwa ezikoleni okuqubuke kuzo udlame, kumele lungachemi nabafundi kuphela.
“Okubuhlungu ngukuthi iSace igweba kanzima othisha, abafundi bona bayayekwa. Umnyango kumele wenze isimo sokusebenza kothisha sibe sihle futhi ubhekane nabafundi abangalawuleki.”
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe selokhu kwavalwa induku ezikoleni, akukho uMnyango wezeMfundo owabahlinzeka ngakho ukuthi bakusebenzise ukuqondisa abafundi.
“Ibuhlungu impilo kathisha kulezi zinsuku ngoba uma eshaye umfundi uyaxoshwa, ayikhulunywa eyakhe. Akekho ovikela uthisha ngoba nomnyango umlahla ngecala, aze aboshwe kwesinye isikhathi. Umfundi osuke eshaye uthisha uyabuyela esikoleni, emuva kokumiswa isikhashana.”
Uthe nomkhandlu olawula othisha iSouth African Council for Educators (Sace), ucheme nabafundi.
“Ithina esikhokhela iSace kodwa kwayona ayisivikeli, ichema nabafundi. Ngiyazi kunzima kodwa ngiyanxusa kozakwethu ukuthi uma bebona ukuthi umoya uyaphakama, baphumele emnyango babuye selehlile igwebu. Ukucabanga kothisha kumele kube ngaphezu kwalokho komfundi, bangasheshi ukuhluthuka.”
Ubalule nokuthi ezikhathini eziningi uma umfundi onile, umjezisa ngokuthi umhlalise uma sekuphume isikole.
“Inkinga enkulu ngukuthi uma umhlalisa ngemuva kwesikole kudingeka wena umgade. Uma egibela izimoto zomalume, kumele wena uqinisekise ukuthi leyo moto ayimshiyi ngoba ngeke umhlalise uphinde umlaxaze ungazi ukuthi uhambe ngani. Ujika wena ke usufana nobophekile, ngoba kumele umhambise ekhaya uma imoto isihambile ngoba ngeke umshiye kanjalo esikoleni. Kugcina sekufana nokuthi uzigwebe wena ngokumqondisa,” kusho uMalinga.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe uMthethosisekelo wezwe ubalula ukuthi kuyilungelo lomfundi ukufunda.
Uthe bazama ukushintsha indlela abafundi abacabanga ngayo emakilasini ukuze baxazulule izinkinga abanazo ngokuthula.
“Kudingeka sisebenzisane siyizinhlaka ezehlukene kusuka emaphoyiseni, umphakathi, abazali kanjalo nabafundi. Induku yavalwa ngakho umuntu oyisebenzisayo ubhekana necala,” kusho uMhlanga.
Ukhale ngabanye abazali athe baphikela izingane zabo uma zenze amacala ezikoleni.
“Umthetho uthi umfundi umiswa izinsuku ezingu-14, emva kwalokho uyabuyela esikoleni. Uma umxosha esikoleni, kungumsebenzi womnyango ukumfunela esinye isikole. Nakhona kuleso sikole bafike bamchithe ngoba kuthiwa uxoshwe la ebefunda khona ngoba eyihlongandlebe.”
UMnuz Matakanye Matakanya, wenhlagano iNational Association of School Governing Bodies (NASGB), uthe othisha bayazi ukuthi akumele bashaye abafundi ngoba kuyicala.
Uthe kumele iqiniswe imigomo ezikoleni kulabo bafundi abashaya othisha.
“Akumele ngabe sibona izehlakalo lapho abafundi beshaya khona othisha. Kodwa induku yavalwa ngakho othisha bayazi ukuthi akumele bayisebenzise.”
I-Sace embikweni wayo waminyaka yonke ihlale ibika ukwanda kwamacala othisha abasashaya abafundi ekubeni induku yavalwa ngeminyaka yo-1990.
Isikhulu esiphezulu se seSace uNksz Ella Mokgalane, sithe minyaka yonke ayanda amacala enduku ezikoleni.
Uthe ezinkundleni zokubonisana ababa nazo nezinyunyana zothisha, bahlale bexwayisa ngalesi sihlava senduku ngoba othisha bayaxoshwa.
“Uma umfundi ekukhahlela unguthisha, wena awukwazi ukumphindisela. Umele umzali esikoleni ngakho okubalulekile ngukuthi uphume kulelo kilasi, ungazange uphindisele,” kusho uNksz Mokgalane.
NoMthethosivivinywa iBasic Educations Laws Amendment Bill (Bela) ephasiswe wuMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, ukubeka kucace ukuthi induku isavaliwe ngakho kuyicala kulabo abasaqhubeka nokuyisebenzisa.