NGESIKHATHI amehlo ethe njo, embangweni wezikhundla zobuholi be-ANC, ushisa phansi nombango wokungena esigungwini esiphezulu seqembu uma sekuhlala ingqungquthela.
I-ANC izohlalisa ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba. Izikhundla ezinakwe kakhulu esikamengameli nesikanobhala nezinye ezikubaholi abayisithupha enhlanganweni.
Njengamanje amagama avela embangweni wezikhundla zobuholi, elikaMnuz Cyril Ramaphosa, ofuna ihlandlandla lesibili esikhundleni sikamengameli. UDkt Zweli Mkhize, ogaqele esikamengameli, noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, bobabili bazama inhlanhla okwesibili. Uma kuqedwa ukukhethwa abaholi abayisithupha kube sekukhethwa amalungu esigungu esiphezulu.
Kuqalile ezinkundleni zokuxhumana ukusatshalaliswa kwamagama abantu abafunwa yizifundazwe esigungwini esiphezulu senhlangano. Isigungu esiphezulu kwi-ANC siba namalungu angu-80 futhi siwuhlaka oluphezulu oluthatha izinqumo uma ingqungquthela ingakahlali. Ukungena esigungwini esiphezulu kusuke kusho ukuthi umuntu usemathubeni amahle okungena ezikhundleni zikahulumeni.
Ongqongqoshe abaningi namaphini abo basesigungwini esiphezulu kwi-ANC.Imikhankaso idla lubi njengoba kukhona abaseKZN abafuna ukungena esigungwini esiphezulu. Kuvela igama likaMnuz Lucky Moloi, oke waba wusihlalo we-ANC esifundeni, Inkosi Bhambatha.
UMoloi ungumyeni kaNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole Moloi. UMoloi kuthiwa unomkhankaso oshisa phansi futhi bakhona abamfuna esigungwini esiphezulu.
Igama likaMnuz Malusi Gigaba like lavela, kukhona abakholwa wukuthi kufanele abuyele esigungwini esiphezulu se-ANC. Kusanda kuphakanyiswa igama likaMnuz Carl Niehaus, okuthiwa unomkhankaso oshisa phansi ufuna ukungena esigungwini esiphezulu. Negama likaNkk Thandi Mahambehlala, liphakanyisiwe.