KUSOLAKALA ukuthi umshayeli wetekisi imphunyukile maqede yagingqika okuyisehlakalo esiholele ekutheni kushone abagibeli abayisithupha kwalimala inqwaba KwaMdakane, eDannhauser.
Lokhu kudalulwe amaphoyisa ngale ngozi eyenzeke ngoMgqibelo ekuseni.
Okwamanje amaphoyisa asafunisela ngokube yimbangela yale ngozi njengoba uphenyo athe luyaqhubeka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuphenywa amacala ayisithupha okubulala ngokungenhloso.
Ubalule ukuthi umshayeli wetekisi usindile futhi ungomunye wabantu abangu-14 abaphuthunyiswe esibhedlela kungozi makhaza.
“Abantu abayisithupha bashonele endaweni yesigameko ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo igingqika. Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela beyokwelashwa,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi ngokwemibiko abasayitholile, itekisi beyilayishe abagibeli abangu-20, isuka eMnambithi isendleleni ilibangise endaweni okuthiwa iseMbabane Reserve.
Itekisi ebandakanyeke engozini iToyota Quantum okuthiwa igingqike maqede yaba wumfunzana yayoma ngaphandle komgwaqo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo iKwaZulu Private Ambulance Service, uNkk Chantelle Botha, uthe bafike endaweni yesigameko bathola itekisi ebigingqike izikhawu.
Uqhube wathi kuyashiyana ukulimala kwabagibeli njengoba kukhona isimo sabo ebesibucayi kakhulu.
“Abanye abagibeli balashelwe endaweni yesehlakalo maqede baphuthunyiswa esibhedlela. Ngeshwa abanye abagibeli abayisithupha bashonele endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi kufike abezimo eziphuthumayo,” kuchaza uNkk Botha.
Kwenzeka le ngozi nje, iNingizimu Afrika ingena enyangeni u-Okthoba, eyaziwa ngokuthi ngeyezokuthutha. Lapha kusuke kushunyayelwa ivangeli lokuphepha kubo bonke abantu abasebenzisa umgwaqo.