BAKUBONA kungukusikaza umbuso womdabu ngejozi ukusocongwa kwezinduna namakhosi osekuphenduke insakavukela KwaZulu-Natal.
Lokhu kuza ngemuva kokuba zibonakala zikhula mawala izigameko zokusocongwa kwezinduna namakhosi.
Okhulumela inhlangano uBumbano lweziNduna KwaZulu Natal, uMnuz Phakamani Dlamini, uthe indlela okwenzeka ngakhona sengathi kunomyalelo wokuthi kuqothwe imbokodo nesisekelo kubaholi bomdabu.
Uthe lokhu kunikeza isithombe sokuthi kukhona abahlose ukuqeda nje nya ngento okuthiwa ubuholi bomdabu KwaZulu-Natal.
Ulimise ngesihloko elokuthi ubuholi bomdabu bubhekene nengwadla futhi busibekelwe yifu elimnyama.
"Indlela okwenzeka ngakhona uyabona nje kusho ukuthi kunabantu abasophe ukuthi kumane kuphele nje ngobuholi bomdabu baKwaZulu Natal. Seziziningi kakhulu lezi zigameko,'' usho kanjena.
Uthe bafisa ukuthi kube khona ikhambi okuqhanyukwa nalo ngokushesha ngenhloso yokunqoba lesi sihlava.
Kuvela ukuthi kusukela ngo-2019, silinganiselwa ku-50 isibalo sezinduna namakhosi asocongiwe.
Lesi yisibalo iNkosi, engusihlalo weNdlu yobuKhosi boMdabu, KwaZulu Natal, uMnuz Sifiso Shinga, ethi kasemukelekile futhi siyethusa.
Uthe izizathu okuyizona eziwumnyombo wokuqothwa kabaholi bomdabu abazazi kodwa ubalule okungenzeka ukuthi yimibango yangaphakathi emindenini, wezindawo nokunye.
Ukhale ngokuthi uma lesi simo singalawuleki kusho ukuthi eminyakeni ezayo ubuholi bomdabu buyobe bungasekho KwaZulu-Natal.
Uma sekunjalo uthe iKwaZulu-Natal angeke iphinde ibe yisifundazwe esinokuthula.
"Phela ubuholi bomdabu bukhona ngoba buqaphe ngelokhozi ukuthi makube khona ukuthula nozinzo emphakathini,'' usho kanjena.
Ukhale ngesihluku sokubulawa ngaso abaholi bomdabu njengoba ethi bonke baqothwa ngenhlamvu.
Uveze ukuthi iningi labo babulawa phambi kwemindeni nezihlobo njengoba behlaselwa besemakhaya.
INkosi uNhlakanipho Maphumulo okhulumela iContralesa, uthe bake baba nezingxoxo ngaphambilini nohulumeni mayelana nokuthi abaholi bomdabu bathole abaqaphi.
Ngeshwa uthe lezi zingxoxo zamane zaphunza kwafana nje nokuthi babethela amanzi emhlane wedada.
Naye uthe angeke aze aqagele ukuthi ukusocongwa kwabaholi bomdabu kusuke kumayelana nani.
Wenze isibonelo sokuthi kwesinye isikhathi kusuke kuwumbango wobunduna okanye kubangwa isihlalo sobukhosi. Kwesinye isikhathi uthe kuyenzeka kutholakale ukuthi inkosi isembonini yamatekisi lokho ebese kungenisa amanzi endlini.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube, kuleli sonto ubize umhlangano ophuthumayo noMnyango wezokuBusa nokuMbisana neziNdaba zoMdabu noMnyango wokuPhepha koMphakathi nokuXhumana ngenhloso yokubhunga ngale ngwadla.
Ngempelasonto edlule, kudutshulwe kwabulawa ngesihluku iNkosi yaseMadlangeni uMnuz Sphamandla Khumalo noNdlunkulu wayo, uMaDlamini.
Isizwe saseMangangeni, eNdwedwe, kuyimanje sisemanzini njengoba kudutsulwe kwabulawa induna uMnuz Qiniselani Majozi nosbali wakhe ngeSonto eledlule.
Kubikwa ukuthi bahlaselwe bephuma emcimbini wakwamakhelwane, baqhululwa ngenhlamvu sebehla emotweni, induna yaphelela khona lapho.
Muva nje, kudutshulwe kwabulawa induna yasesizweni samaWoshi, eXobho, uMnuz Bongani Dlungelwa, odutshulwe emzini wakhe ngoLwesine olwedlule ebusuku.
Ngo-2019, kwadutshulwa kwabulawa ngesihluku loyo owabe engusihlalo woBumbano lweziNduna, uMnuz Joshua Mthethwa.
KwaNongoma ezinyangeni ezimbili ezedlule, kudutshulwe kwabulawa induna uMntwana Chomani Zulu esizweni saKwaMandlakazi. Namanje kusacwebe iziziba ngababulali bakhe.
Ekuqaleni nonyaka, kubulawe loyo owabe eyiso leSilo, KwaNobamba induna uMbangiseni Mbuyisa.
Eminyakeni emibili eyedlule, saba yindaba egudwini isehlakalo sokunyamalala kweNkosi uMnuz Makhosandile Ngcobo (60) yesizwe iQiniselani Manyuswa ePort Shepstone, eningizimu yeKwaZulu-Natal.
UNgcobo kwavela ukuthi wathunjwa ngamadoda ayehlomile, amlanda emzini wakhe oseZingolweni. Namanje akwaziwa ukuthi ukephi.