INKANTOLO yezokhetho iyona ezoba nezwi lokugcina ngabazongenela ukhetho lukazwelonke ngoMeyi 29.
Inkantolo izonquma ngalabo okuzobe kufakwe izikhalo ngabo, ngokuthi abakulungele ukungenela ukhetho ngoba bake balahlwa amacala phambilini.
Ithuba lokufaka izikhalo lizovulwa ngoMashi 26 noMashi 27, nokuyilapho ikhomishini eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), izoshicilela uhlu lwabantu abazongenela ukhetho.
Umphakathi uzobe usukwazi ukufaka izikhalo ngabazobe besohlwini lokuvotelwa, abangafanele.
Lokhu kuvezwe yiphini lesikhulu esiphezulu se-IEC uMnuz Masego Shebhuri.
Ekhuluma neSAfm izolo ekuseni, uthe uma sekuphothulwe lolu hlelo abantu abafuna kubuyekezwe isinqumo se-IEC sokuthi ibachithile ukungenela ukhetho, bangaya enkantolo yezokhetho.
Uthe amaqembu azonikwa ithuba lokuthi alungise izikhalazo ezizofakwa.
“Inkantolo ezoba nezwi lokugcina. Okwamanje asikwazi ukusho ukuthi umuntu othile uzokwazi yini noma ngeke akwazi ukungenela ukhetho ngoba uhlelo alukavulwa,” kusho uShebhuri.
Usho lokhu nje kusanemibuzo ngokuthi owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, okumanje ukhankasela iqembu elisha Umkhonto weSizwe, uzokwazi yini ukungenela ukhetho.
Leli qembu liyiklame liyiklamile ekutheni nguZuma ozolimela okhethweni njengoba kukhona nezingqwembe ezinobuso bakhe. Nasohlwini lwaleli qembu elifolosa ngalo nguZuma ozihola phambili.
UShebhuri uthe iqembu eliphakamise umuntu kumele liqinisekise ukuthi lowo muntu uvumelekile ukuthi angenele ukhetho.
“Kwayena lowo muntu ongenela ukhetho kumele akuveze ukuthi uvumelekile ukuthi angangenela ukhetho. Ukuze ungenele ukhetho kumele kube ngukuthi awukaze udonse isigwebo ngaphakathi ejele esiyizinyanga ezingu-12, esihambisana nokuthi awuvunyelwanga ukukhokha inhlawulo. Okunye okubhekwayo ngukuthi ngabe isiphelile yini iminyaka emihlanu umuntu aqeda ukudonsa isigwebo,” kusho uShebhuri.
UZuma wagwetshwa izinyanga ezingu-15 edonsa ejele yinkantolo yoMthethosisekelo ngokudelela imiyalelo yokuvela ngaphambi kwekhomishini eyayiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Khonamanjalo sikhonjwe indlela isisebenzi se-IEC esiputshuze uhlu lwamagama abajutshwe yi-ANC neMK ePhalamende.
Isikhulu se-IEC uMnuz Sy Mamabolo, siveze ukuthi lesi sisebenzi sinqanyulelwe inkontileka yaso.
UMamabolo uthe bekungamele sikhiphe ulwazi olufuze lolu wathi besisebenza emahhovisi ekhomishini eGauteng.
“Noma ngubani ophula imigomo yekhomishini ngeke simbekezelele. Sizimisele futhi sizibophezele ngokuthi sibe nokhetho olungenagcobho.”
Izolo ntambama ikhomishini ikhiphe isitifiketi somqulu wezokhetho okhule waba nabantu abangu-27.79 million abazovota.