UTHUKUTHELE uyaveva owesifazane waseMfekayi, eMtubatuba ngoyise athe akamkhulisanga kodwa wathushuka ngelanga lokutsholwa kwakhe esefuna ilobolo.
UNksz Samkelisiwe Ntenga (44), okumanje ilobolo lemali likuye, uthe akukho okumhlanganisa noyise, uMnuz Philemon Ntenga (65), ofike ngosuku lokulethwa kwamalobolo esezenza ungqoshishilizi.
"Lo muntu akangondlanga kodwa unesibindi sokuthi atheleke ngosuku engilotsholwa ngalo esefuna nokuthatha ilobolo. Mina angimfuni lo muntu," kusho uNksz Ntenga.
Ngokusho kukaNksz Ntenga, uyise wanyamalala bebancane, akangabondla. Uthe uyise wamgcina ngo-1994, nokwenze athuke kome nasozwaneni uma ethushuka ngosuku lokucelwa kwakhe. Akazi futhi ukuthi uzwe ngobani ukuthi uyalotsholwa ngalolu suku.
Uthe kuthe uma uyise efika waphoqa ukuthi imali yamalobolo engu-R35 000 ize kuyena ngoba kulotsholwa indodakazi yakhe.
"Umbuzo wami omkhulu uthi, uqale nini ukwazi ukuthi mina ngiyindodakazi yakhe? Ngeke ngize ngivume mina ukudlala le ndoda,” kusho le ntokazi.
Uveze ukuthi kunina bayisithupha, amadodakazi amabili bese kuba ngamadodana amane. Unina uNksz Snonozi Mashiyane uthe washona ngo-1999.
“Ngesikhathi umama eshona ngangineminyaka engu-8 (eyishiyagalombili) nje kuphela. Ekhaya sasikhuliswa yinkantolo sibizwa ngezintandane ngoba othisha bethu yibona abasicabangela ukuthi kumele sondliwe kanjalo,’’ echaza.
Ugcizelele ukuthi uyise ayimfanele le mali ngoba ubengekho empilweni yakhe iminyaka eminingi kakhulu bakhula engekho.
“Buka nje kukhona ngisho nomfowethu onguthisha kodwa akazihluphi ngathi. Omunye unezingane akazondli. Nalapho ngisola ubaba engibona ukuthi babukela kuye,’’ kusho yena evukwa yisibibithwane.
Echaza ngakufisayo, ukuthi umshado wakhe ube seqophelweni eliphezulu kodwa uyise angabi bikho kuwona. Ukhale ngokuthi uyise ushiye isifundo esibi kubafowabo sokuthi umndeni awondliwa.
Ufunge wagomela wathi akafuni ukuthi kube khoba okubahlanganisayo noyise, ulunge engenamzali.
"Umuntu angaduka iminyaka eminingi kangaka bese ezoqondanisa nosuku olungaka," kubuza uNksz Ntenga, osho lokhu ngesikhathi egwedwa ngemibuzo yokuthi kwenzekeni.
Kumanje indodakazi kaMnuz Ntenga ithe isize yafinyelela esinqumweni sokwenzela uyise incwadi yesivimbelo sasenkantolo.
Indodakazi okwamanje akukho lapho isebenza khona, umkhwenyana kuvela ukuthi usebenza emapulazini.
Ngakolunye uhlangothi uyise uthe yena wazi ukuthi indodakazi yakhe kumele ikhokhelwe kuyena.
Eziphendulela uMnuz Ntenga uzwakalise ukungangabazi ukuthi yini okumele yenzeke.
"Indodakazi yami lena, angifuni ukuthi kube khona omunye umuntu othatha imali yamalobolo," usho kanje.
Kuvela ukuthi imali yamalobolo igcine ithathwa esinye isihlobo sowesilisa, esingumzala kababa kamlobokazi, kodwa wayibuyisela kuyona indodakazi ebizocelwa. Lesi sinyathelo simdine kakhulu uMnuz Ntenga nokubukeka sekuqhathe lo mndeni.
"Into engicasulayo ukuthi umzala wami ungenaphi ekulotsholweni kwendodakazi yami njengoba kulotsholwa kuyena bese futhi yena imali ayiphindise kundodakazi,’’ kusho uMnuz Ntenga.
Uthe akakaze naseJudeni engezwa ukuthi imali yamalobolo iphelela ezandleni zomuntu olotsholwayo.
Ethintwa umzala ucingo lwakhe belungangeni.