SISALE simuncu isimo izolo emphakathini ohlala ngasemgwaqweni uZazi, ongasezitolo eClermont, ngemva kokuba kudutshulwe kwabulawa abantu abathathu, okubalwa ababili ebebedayisa inyama yenhloko.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele indawo ngezikhathi zasemini, izidumbu zababulewe bezisadindilizile eceleni komgwaqo, abezomthetho bematasa nomsebenzi wabo endaweni yesigameko.
Amalungu omphakathi nabadayisayo bebemi izixongololo, bedangele, engekho ofuna ukuphumela obala alandise ngokwenzeka esigamekweni.
Isolezwe lixoxe noyedwa ozibonele kwenzeka kodwa ocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe ngenxa yokwesaba.
Uthe bekuyizithuba zawo-10 ekuseni ngesikhathi kuqhamuka imoto ethile, okwehle kuyo abasolwa ababili, bavulela ngenhlamvu kubalisa ababili abadayisa inyama yenhloko endaweni.
“Bavele baqonda ngqo kubona, badubula bephindelela. Abagilwa bawele endaweni yesigameko. Ngaso leso sikhathi kudubuleke nowesifazane odayisa izithelo khona endaweni kodwa wasinda,” kusho umthombo.
Uthe sebedubulile kaningi, sekucatshangwa ukuthi bayahamba, abasolwa babuye babuyele endaweni yesigameko bayobadubula futhi, ngisho abagilwa sebelele phansi.
“Kusobala bebefuna ukuqinisekisa ukuthi bafe ngempela,” kusho umthombo.
Uqhube wathi emgwaqweni ofanayo ebangeni elifushane, abasolwa baphinde badubula omunye wesilisa obelinde uku-photocoper kwi-internet cafe ekuwo lo mgwaqo.
“Lona ke yena udutshulelwe ukuthi uyabuka. Naye ufele khona endaweni yesigameko,” kusho umthombo.
Uthe bathukile ngoba abaqondi kahle-hle ukuthi kwenzekani, wathi badidekile ukuthi abahlaseli bahlasele ngayona yiphi inhloso.
Udalule nokuthi kunesinye isigameko esenzeke ekuseni ngaphambi kwalesi esibashaqile, lapho okulandelelwe khona owesilisa, wayoqedelwa kwi-ambulensi ebimphuthumisa esibhedlela.
“Kuthiwa bafike bamdubulela kwakhe, wangashona. Kuthiwa kubizwe i-ambulensi ukuba imphuthumise esibhedlela kodwa akabange esafika khona ngoba abahlaseli, bayivimbile i-ambulensi, baxosha abezimo eziphuthumayo, ngaphambi kokuba bangene bamqedelele kuyo,” kusho umthombo.
“Siyasaba. Asazi kwenzekani. Sizizwa singaphephile,” kusho umthombo.
Isolezwe alitholanga ukuthi ababulewe abakuphi nendawo, nemindeni yabo ayitholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amacala okubulala nelokuzama ukubulala avulelwe ukuthi aphenywe amaphoyisa aKwaDabeka emva kokuthi kudutshulwe abantu izolo ekuseni.
“Amadoda angaziwa avulele ngenhlamvu kubantu emgwaqeni uZazi, maqede ashaya achitha ngemoto abehamba ngayo. Imbangela yokudubula namanje ayikaziwa,” kusho uCol Netshiunda.