AYABALISA amakhosikazi asePulangweni, KwaMaphumulo, asesithenjini athi akhonjwe indlela ngumyeni wawo ongusomabhizinisi ethi unengwa ukuthi kukhulelwe ingane yakhe yentombazane eneminyaka engu-16.
UNkk Zandile Mthembu (uMaMchunu) (40), noNkk Nomaswazi Mthembu (uMaMhlongo) (38) bakhala ngesenzo sikaMnuz Vukile Mthembu (50).
Bobabili bathi basamangele kakhulu ngesenzo somyeni wabo. Batshele intatheli ukuthi uthuthuva lususwe wukukhulelwa kwengane yentombazane, ebuza ukuthi ikhulelwe kanjani bekhona, yini umsebenzi wabo.
UMaMchunu, ongunkosikazi wokuqala, uthe ugane uMthembu ngo-2017. Uveze ukuthi ingane ekhulelwe yentombazane ngeyakhe.
Uthi bona abazange bamazise uMthembu ngokukhulelwa kwendodakazi yakhe encane kodwa bakhetha ukuthi azibonele yena ngenxa yokuthi uyindoda enolaka.
"Ngesonto eledlule ubonile ukuthi u.....(egagula ingane ngegama) ukhulelwe. Uvele waduba ngisho ukudla wathetha waze wabomvu amehlo. Angikaze ngimbone ecasuke kanjena selokhu ngamazi. Yebo kubi ukukhulelwa kwengane encane kangaka kodwa ukuthi usengaze asixoshe pho,'' usho kanje sakubalisa.
Uqhuba uthi ngakusasa ekuseni ubatshele ukuthi mabahambe, usazoke acabange kahle ukuthi uyawadinga yini amakhosikazi anganamsebenzi njengabo.
"Uthe singamakhosikazi ahlulekayo ukukhulisa umntwana, wathi kuhle siphindele emakithi. Ngikhuluma nawe nje nami ngikithi KwaNongoma,'' usho kanje.
Uthi ubone kungcono ukuthi umtanakhe okhulelwe ahambe naye. Ukhale kakhulu ngolaka lomyeni wakhe wathi kusamele athi ukulwehlisa.
Uveze ukuthi banengane eyodwa kuphela.
UMaMhlongo, ongunkosikazi wesibili, naye uthe ubuyele kubo KwaSwayimane.
"Ayikho phela into ebesizoyenza uma sixoshwa. Ubumbona kahle ubaba ukuthi akadlali usifuna sihambile ngampela emzini wakhe,'' usho kanje.
Uveze ukuthi yena ungene esithenjini ngo-2021. Uthi umyeni wabo ubaphethe kahle akukho angabenzeli khona. Kodwa wase egcizelela ukuthi akazwani nje nhlobo nento ebhedayo.
Ethintwa uMnuz Mthembu ngokuxosha kwakhe amakhosikazi, uthe umuzi wakhe uwuphatha ngendlela ethandwa nguyena ngoba nguyena owazilobolela yena amakhosikazi akhe.
"Ngicela ukubuza ndoda, njengoba ungishayela ucingo nje ungibuza ngamakhosikazi ami ngabe uwena yini owawalobola? Musa-ke ukungicasula ngoba uqala into ongeke uze uyimele,'' ethetha.
Uthe uma kungukuthi amakhosikazi lawa agijime ayohlebela Isolezwe ngokuxoshwa kwawo, azokwenza kube nzima kakhulu kulesi simo abhekene naso ngoba kusho ukuthi awasile.
Isolezwe Ngempelasonto litholile ukuthi uMthembu unezitolo. Kuvela ukuthi ngaphambilini wayekade enamatekisi kodwa wawadayisa ekhala ngodlame kule mboni.