Bathuka izanya abahlali basemijondolo iPopo Molefe, eBoitekong, esifundazweni iNorth West, kulandela isigameko esishaqisayo sokubulawa kwabantu bezidlela ijiki egcekeni ngoMgqibelo ebusuku.
Kuthiwa kugasele oshayasibhamu abangaziwa ngabo-9.15, emzini okuyo le ndawo, bavulela ngenhlamvu kwabebesegcekeni.
Kufe abesilisa abahlanu nabesifazane abane.
UThandile Mampolo, ongomunye wabasindile, uthi ubuhlungu ngokwenzekile ngoba ulahlekelwe wumngani wakhe abemthanda kakhulu.
“Besihleli siziphuzela, kwangena abantu esangweni bavulela ngenhlamvu kuwo wonke umuntu, sonke sivele salala phansi, baqhubeka badubula. Laba bantu bebehambe bedubula sesilele phansi, nami ngivele ngazenza osefile ngalala ngathula,” kusho yena.
UBrigadier Sabata Mokgwabone, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthi ngokombiko abawutholile bekuyiqoqo labantu abakhuluma isiXhosa abebehlangene egcekeni lalo muzi bephuza utshwala ngesikhathi behlaselwa.
“Kuthiwa bahlaselwe ngabasolwa abebekhuluma isiSuthu. Abagilwa abayisishiyagalombili bafe ujuqu, kwathi oyedwa washonela esibhedlela. Bayisishiyagalombili abathelwe ngamachaphazelo,” kusho yena.
Uthi imbangela yokuhlaselwa kwalaba kayaziwa okwamanje futhi akukaboshwa muntu.
UKhomishana wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant General Sello Kwena, uhlanganise ithimba elikhethekile elizophenya ngalokhu.