INGWIJIKHWEBU kuboshwa usingababa wentombazane (6) yaseCato Manor, isidumbu sayo esatholakala siphonswe esikhotheni ngemva kokunyamalala ngendlela engaqondakali.
USenamile “Aphula” Sphengane, okuthiwa wagcina ukubonakala ehleli nesoka likamamkhulu wakhe endlini bebuka ithelevishini ngoJanuwari 1, watholakala ngoJanuwari 2 edlwenguliwe, eklinywe waze wafa.
Isolezwe lithole ukuthi emva kokuthi amaphoyisa eshaqe amalungu omndeni okubalwa unina kamufi, odadewabo, isoka loyedwa wodadewabo nosingababa ukuba bayophonswa ngemibuzo, kusale ngaphakathi usingababa ezitokisini.
Umsolwa uvele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, eyofaka isicelo sebheyili, icala lahlehliselwa uFebhuwari 1. Ubhekene namacala ahlanganisa elokubulala nelokudlwengula.
Ilungu lomndeni elicele ukuthi lingadalulwa lithe kuningi ukudideka abanakho ngesehlakalo. Lathi ngaphambi kokuthi kuboshwe usingababa, amalungu omphakathi ayekade ebambe oqotsheni endaweni yesigameko isoka lomunye wodadewabo bakanina kamufi.
“Wabanjwa umphakathi ephethe amakhandlela nomuthi, egeza. Kuthiwa bathi uma bembuza ukuthi lokhu ukwenzelani, wathi ufuna ukukhipha amabhadi,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe kwabizwa amaphoyisa, amthatha, nokwaholela ekutheni amaphoyisa athathe namanye amalungu omndeni ukuba ayowapheka ngemibuzo.
“Isoka lagcina selishintsha isitatimende elalisenze ngesikhathi kwenzeka isigameko sokuthi umufi uthathwe enye ingane engangaye bahamba, lathi labona usingababa emi naye umufi,” kulandisa ilungu lomndeni.
Liqhube lathi kuyabadida ukuthi kungani isoka lishintshashintsha inkulumo.
“Uma eneqiniso, kwakufanele isitatimende asesitshela amaphoyisa manje asisho ngesikhathi sisabheka ingane ngemva kokunyamalala kwayo,” kusho ilungu lomndeni.
FUNDA NALOLU DABA: Kutholwe amathambo omuntu ethukuswe esimobeni
Liqhube lathi yize bengamphikeli usingababa ukuthi kungenzeka ukuthi uyathinteka ekubulaweni kwengane kodwa banombuzo wokuthi kungani isoka labanjwa umphakathi endaweni yesigameko, ligeza ngomuthi liphethe amakhandlela?
“Ngokwethu, besifisa baboshwe bobabili bese uphenyo lwamaphoyisa kube yilo oluvezayo ukuthi ngubani othintekayo,” kuchaza ilungu.
Lithe akubaphathi kahle ukuthi kuthiwa isoka lizocula enkantolo ngoba seliphenduke ufakazi oqandula ikhanda ecaleni.
Isolezwe libuye lathola ngomthombo walo ukuthi kuningi okusazohlaluka enkantolo ngoba kunezinsolo zokuthi nabegazi kunina kamufi banesandla ekubulaweni kwengane.
“Kuthiwa abahlangana nabulala ingane ngoba befuna ukuhlomula izizumbulu zemali kamasingcwabisane,” kusho umthombo.
Owomndeni walile ukunikeza iphephandaba inombolo kayise wengane ukuze aphawule ngesehlo. Wathi akubalulekile ukuthi athintwe ngoba ubengasondelene nengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe yize bengakuqinisekisa ukuthi ukhona umsolwa oboshiwe ngamaphoyisa okumanje uhamba inkantolo, ngeke akwazi ukucacisa ukuthi uhlobene kanjani nomufi.