IBASE ingomane yomlilo i-DA ngodaba lokujutshwa kwamalungu e-ANC ezikhundleni zikahulumeni futhi ibukeka iwukhwezela kakhulu kunakuqala. I-DA isuse umsindo omkhulu ithi i-ANC kufanele ikhiphe onke amaminithi emihlangano yekomiti lokujutshwa kwabantu.
Kuhlala kukhalwa emazingeni aphansi komasipala abantu bethi kuqashwa ngokuthi umuntu ukuyiphi inhlangano akubhekwa kakhulu ukuthi uneziqu noma umsebenzi uyawazi yini.
Kamuva nje i-DA isanda kumemezela ukuthi iwusabalalisela ezifundazweni umkhankaso wayo wokulwa nomgomo wokujuba amalungu ezikhundleni. Ithe ifuna ukuthi kuvele indlela okujutshwa ngayo abantu kuhulumeni wezifundazwe nakomasipala.
Ithe uma i-ANC igoloza ukuyinika imininingwane, izoya enkantolo iyoyiphoqa njengoba yenzile kuKhongolose kuzwelonke.
I-DA ikhala ngokuthi uhlelo lokujuba amalungu ezikhundleni olwenziwa yi-ANC, yilona kanye oludala inkohlakalo. Ikhala nangokuthi kujutshwa abantu abasuke bengenawo amakhono nesipiliyoni esifanele. Ikhala nangokuthi uma sebefakiwe ezikhundleni basuke bezodansela isigingci se-ANC benze inkohlakalo.
UMholi weDA uMnuz John Steenhuisen, uthe umgomo wokujuba amalungu amaqembu ezikhundleni udala inkinga.
“ Abantu bakhethelwa ezikhundleni kubhekwa ukuthi baphethe amakhadi aliphi iqembu bese kuchithwa abasuke bazi umsebenzi. Uma wenza kanjalo usuke ubanga ukuthi abantu bakuleli babe nenkinga enkulu ngenxa yokuba nomuntu ongawazi umsebenzi nonomlando wenkohlakalo,’’ kusho uSteenhuisen.
Uthe yingakho izwe libhekene nokucinywa kukagesi nokungasebenzi kahle kwezinkampani zikahulumeni. Uthe uma bengena emandleni, bayophasisa umthetho wokuthi uqedwe lo mkhuba wokujuba abantu ezikhundleni ngokwamaqembu.
Kuyini ukujutshwa kwamalungu ezikhundleni ?
Inhlangano uma ingenela ukhetho bese inqoba ukhetho ingena kuhulumeni, kube sekuba nesidingo sokuthi kuqashwe abantu kuhulumeni. Izikhundla eziqavile abafakwa kuzona ezifana nezezinhloko zeminyango namaphini azo. Izinhloko zezinkampani zikahulumeni nezinye izikhundla eziqavile.
I-ANC yaphumela obala yasho ukuthi yona inekomiti elijuba abantu ezikhundleni futhi ikwenza lokhu ngoba isuke ifuna ukufaka abantu abaqonda kabanzi imigomo ye-ANC. UMengameli Cyril Ramaphosa wayilanda kabanzi indaba evele phambi kwekhomishini eyayiholwa yiJaji Raymond Zondo.
URamaphosa wathi akukhona ukufaka amalungu kodwa basuke bewagqugquzela ukuthi awafake izicelo nawo azobhekwa uma sekubhekwa abantu. URamaphosa wakuphika ukuthi inenkohlakalo indlela abajuba ngayo amalungu.
URamaphosa watshela ikhomishini ukuthi abantu abasuke bebaphakamisela ezikhundleni basuke benawo wonke amakhono afunekayo, iziqu nesipiliyoni.
Izinsolo ezibekwe kuyona i-DA
I-DA ngesikhathi imatasa ikhwezela umlilo oshisa i-ANC, kuvumbuke izinsolo zokuthi nayo inawo amakomiti ajuba abantu ezikhundleni kodwa izenza ngcono. UMengameli we-ANC uRamaphosa ukhale kakhulu ngeDA ethi iyaxokiza ngoba nayo iyakwenza lokhu esola ngakho i-ANC.
Kuvumbuke ababengabaholi beDA asebashiya kuyona bethi nayo inalo ikomiti elijuba abantu ezikhundleni lapho esuke iphethe khona. UMengameli we-ActionSA uMnuz Herman Mashaba uthe i-DA iyamangaza ngalokhu ekushoyo.
“ Kufanele siyivimbe indaba yokuthi amaqembu ajube abantu ezikhundleni. I-DA yake yakuzama lokhu ngesikhathi ngiseyimeya kodwa kwasho ukuthi ngiyanqaba mina,’’ kusho uMashaba.
UMnuz Zwakele Mncwango we-ActionSA oke waba kwiDA naye uke wabhala eyichitha indaba yesikhalo seDA ngalolu daba.
UMnuz Dulton Adams we-ACDP uthe lolu daba kudlalwa ngalo ipolitiki njengamanje.
USolwazi Kedibone Phako ekhuluma nabe-eNCA uthe kuyahlekisa okwenziwa yiDA ngoba nayo inawo lo mgomo njengoba ixake i-ANC.
“ Uma ubheka lapho bephethe khona eCape Town, eTshwane neCity of Johannesburg bebezama ukuphusha osopolitiki babo ukuthi bangene ezikhundleni zokuphatha. Lokho kukodwa kudunga isimo sokusebenza kulabo abasuke bebekwe ezikhundleni,’’ kusho uPhako.
Lo msindo okhona ukhomba ukuthi kusafanele kubhekwe kabanzi ukuthi awukho yini umthetho okufanele uphasiswe ukulawula indlela okufanele kwenziwe ngayo. Udaba lokuqashwa kwabantu lubaluleke kakhulu kuleli njengoba kushoda amathuba emisebenzi.
Kungenzeka ukuthi baningi abaphuthwa wumsebenzi ngenxa yokuthi abawona amalungu amaqembu ezepolitiki kodwa bebe benazo zonke izimfanelo.