IHLALELE ovalweni imindeni enamathuna afakwe amatshe asemathuneni eZwelethu eMlaza ngokucekelwa phansi kwawo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kunowesilisa okungaziwa noma uhlala emijondolo eyakhiwe eduze kwamathuna noma uqhamuka kwenye indawo, okuthiwa ufika ephethe isando aphihlize noma iliphi ithuna alithandayo.
UNkk Ntombifuthi Xaba, onelungu lomndeni elingcwatshwe kula mathuna, uthe yena nomndeni wakhe bebeye emathuneni beyohlanza ithuna likadadewabo ongcwatshwe khona, izolo bafica inqwaba yamatshe ecekelwe phansi.
"Sizithele komunye umuntu naye onelungu lomndeni elingcwatshwe kuyo le ndawo, wathi usehlale efika ezobheka ukuthi ithuna lesihlobo sakhe alicekeliwe yini phansi. Uthe useke wafica indoda iphihliza amathuna ngesando. Uthe waya emahhhovisi kamasipala aziwa ngoSizakala aseMlaza wayobika kodwa akasizakalanga. Bathi izindaba ezithinta amathuna aziqondene nabo akazame ikhansela," kusho uNkk Xaba.
Uqhube wathi okubaphatha kabi ukunganakwa kwamathuna akule ndawo.
"Mina nginamalungu omndeni angcwatshwe eWentworth, eMerebank kanye nakhona la eZwelethu. Kulawa amanye amathuna kunonogada abagade esangweni. EZwelethu akukho nogada, abantu bazingenela noma ikuphi ngoba ukhonkolo okubiywe ngawo omunye webiwa kwasala izikhala ezinkulu okungangena kuzo nemoto. UMasipala weTheku sifisa ukuthi ungenele, uqashe onogada noma uqhamuke nendlela yokuvikela amathuna. Amatshe amathuna ayabiza. Uma senililungisile niwumndeni niye nizitshele ukuthi niqedile," kusho uNkk Xaba.
Uphendula kulokhu umasipala, uthe: “Lolu daba belungakabikwa ngokusemthethweni kuMasipala weTheku. Umasipala ukhathazeke kakhulu ngendlela yokuziphatha enobugebengu. Sinxusa imindeni enamathuna acekelwe phansi ukuthi ibike lolu daba emaphoyiseni, ukuze kuboshwe abenzi bobubi. Siyasigxeka lesi senzo esiwukungahloniphi indawo yabantu abalele.”