AKASAZI ukuthi athatheni ahlanganise nani ukuze kulungiseke inkinga yakhe yokungakwazi ukwenza umazisi, owesilisa osegqingqe iminyaka emine ehhovisi loMnyango wezaseKhaya, etshelwa ukuthi kudingeka umazisi wowesifazane ovela njengonina, obethola imali yesibonelelo sezingane sikahulumeni ngegama lakhe.
UMnuz Tsepo Meyiwa (24) waKwaMashu, eThekwini, uthe impilo yakhe imile nse kusukela aphothula u-matric eKwesethu High ngo-2018, ngenxa yenkanankana yenkinga evimbela ukuthi enze umazisi.
Echazela Isolezwe, uthe okuvimba yonke into wukuthi uma eyae mahhovisi oMnyango wezaseKhaya, bathi akabuye nekhophi kamazisi wowesifazane angamazi obizwa ngoNksz Dumisile Gloria Meyiwa, okuvela ukuthi ungunina.
“Kuyangixaka lokho ngoba asimazi thina lowo muntu ekhaya futhi akekho noyedwa omaziyo nangasohlangothini lukababa, kwaMeyiwa, ngakho kuyasiphica sonke ukuthi wubani lo okuthiwa ngiyingane yakhe ngingamazi.
“Mina umama wami wuNksz Princess Samkelisiwe Khuluse, okuthi uma ngiphethe ikhophi kamazisi wakhe, bangichithe ngoba kuvela igama lwalo muntu ongaziwa muntu ekhaya,” kuchaza uMeyiwa.
Eqhuba, uthe kwala ngisho esezama ukuyoshaya umazisi kwezinye izindawo ezingekho eThekwini, nakhona kuvela igama lalo wesifazane.
“Ingiphatha kabuhlungu lento ngoba yenza ngingakwazi ukuqhubeka phambili nempilo yami, njengoba ngangihlele ukuqhubeka nemfundo emva kokuphothula u-matric, kodwa angikwazi ngoba anginawo umazisi.
“Kunzima ngisho ukuthola umsebenzi ngoba kwezinye izinkampani kufuneka wona, anginalo ngisho ikhadi lasebhange. Sengigcina ngokubamba amatoho, nawo asheshe aphele. Akukho okubambekayo engikwenzayo, impilo yami ayiyindawo,” kukhononda uMeyiwa.
Uphinde waveza nokuthi kuthe beqhubeka nokulandelela lolu daba, bathola ukuthi lona wesifazane obhaliswe ukuthi wunina - yonke le minyaka edlule, ubehola ngaye imali yesibonelelo sikahulumeni.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uMnuz Siya Qoza, ucele ukunikwa iminingwane kaMeyiwa, wathembisa ukuxhumana naye ukuzwa kabanzi ngalolu daba.