UDINGA izimpendulo omunye wemindeni emithathu edlulelwe amalungu ayo engozini yomgwaqo edlule nemiphefumulo yabayisithupha.
Inhlekelele yenzeke kuR56 eClysdale, ngaphandle kwaseMzimkhulu, ngoLwesihlanu.
Kule ngozi kushone amalungu amathathu omndeni wakwaTenza, amabili akwaNguse nelilodwa lakwaMvemve.
Bonke bebesuka KwaNokweja belibangise eFlagstaff, e-Eastern Cape.
Kuthiwa bebeya enkonzweni ebiqala ngoLwesihlanu ebusuku iphele ngeSonto ekuseni.
Kule ngozi kudlule uMnuz Sipho Tenza (66), umkakhe, uNkk T Tenza (66), udadewabo kaSipho, uNkk Mhlongo, amalungu omndeni wakwaNguse amabili nelakwaMvemve elilodwa.
Kuthiwa kusinde uMnuz Nkululeko Tenza oyindodana kaSipho. Kuthiwa uyelulama esibhedlela saseMgungundlovu, i-Edendale.
Bonke abashonile bebesemotweni iToyota Avanza ethwala abantu abayisikhombisa, okuthiwa ishayiswe yiloli.
Ilungu lomndeni wakwaTenza, uMnuz Ntokozo Mkhize, lithe izihlobo zalo bezilibangise eFlagstaff zisuka KwaNokweja.
Uthe bebeya enkonzweni yebandla labaPhostoli ebizoqala ngalo uLwesihlanu iphele ngeSonto ekuseni. Nabo kuthiwa bebezobuya ngalo iSonto.
UMkhize uthe banemibuzo eminingi abafuna iphenduleke ngenhlekelele.
"Sithe sifika endaweni yesigameko, umshayeli weloli ubengasabonwa. Sithe uma sibuza amaphoyisa imibuzo ebesinayo ngokwenzeka kwengozi, sangazithola izimpendulo," kusho uMkhize.
Uthe phakathi kwemibuzo abanayo kukhona nothi ngabe umshayeli ubengaphuzile yini amanzi amponjwana ngesikhathi sengozi.
"Omunye umbuzo esinawo owokuthi ngabe unazo yini izincwadi zokushayela ezifanele. Sifuna nokwazi ukuthi yini ngempela eyenze ukuthi adale ingozi nokuthi ngabe ungowaseNingizimu Afrika yini," kusho uMkhize.
Uthe abakutholile ukuthi umshayeli utshele amaphoyisa ukuthi kwenzeke ingozi ngoba ubezama ukuvika amahhashi abenqamula umgwaqo.
"Wavika amahhashi, wabulala izihlobo zethu," kubuza uMkhize.
Uthe babuhlungu ngokulahlekelwa amalungu omndeni nawebandla ngalolu hlobo.
Uthe banethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka ngalesi sigameko.
Ngesikhathi edlulisa amazwi enduduzo uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, owokuPhepha koMphakathi nezokuXhumana KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe amaphoyisa ophiko oluphenya ngezingozi yiwo aseqhulwini lokuphenya imbangela yengozi.
Uthe banxusa abantu abasebenzisa umgwaqo ukuthi baziphathe kahle.
“Njengoba sibheke emaholidini kaKhisimuzi, sinxusa abasebenzisa imigwaqo ukuthi bayihloniphe imithetho yomgwaqo,” kusho uHlomuka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLietenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso emva kokufa kwabantu abayisithupha engozini.
“Amaphoyisa aseMzimkhulu aphenya imbangela yengozi,” kusho uLt Col Gwala