USELE nemibuzo engaphenduleki umndeni wamawele abulawe ngokudutshulwa ngaphandle kwendawo yokucima ukoma, edume ngokuthi yiKwaShenge eziMangweni eNanda.
Kulesi sigameko kubulawe oMnuz Bonga noSiya Ngcobo (35). Kuvela nokuthi kukhona nomunye umuntu wesithathu odubulekile, obezidlulela. Lo muntu kuthiwa uyelashwa esibhedlela.
Ilungu lomndeni elizwakalise izinhlungu zalo uNkk Philo Gumede, lithe abazitholi kahle izimpendulo uma bebuza ukuthi kwenzekeni, ngaphandle kokuthi bekuphangwa imoto abafi abebekuyo.
“Bebehamba nabantu. Kubona kukhona umnikazi wemoto nabesifazane. Uma sizwa kudutshulwe bona kuphela, umnikazi wemoto wangadutshulwa, namantombazane ebebehamba nawo ngokunjalo,” kusho uNkk Gumede.
Uthe abafi nabo bonke ebebesemotweni bebesuka lapho obekuhlangenwe khona ngakubo, kosiwa inyama.
Lapho abadutshulwe bekhona uthe bebeyothenga utshwala, behlela ukuthi uma beqeda ukubuthenga, bazobuyela emumva lapho obekushiswa khona inyama.
“Manje asazi kahle ukuthi ngempela kwenzekeni ngoba bonke ebebekhona abakwazi ukuchaza udaba oluzwakalayo, inkulumo yabo kayizwakali iyashayisana,” kusho uNkk Gumede.
Uthe abakufunayo wubulungiswa ngoba abashonile bebengabazeli lutho olubi.
Uveze ukuthi kabanalo ulwazi lokuthi imoto ethathiwe igcine itholakele noma cha.
Isolezwe lithole ukuthi imoto ethathiwe yi-Astra emhlophe.
Osekomitini elilwa nobugebengu eziMangweni, uNkk Ntathu Mkhwanazi, uthe babizelwe endaweni yesigameko emva kokwenzeka kwaso.
Uveza ukuthi ngesikhathi yena ethola ucingo, utshelwe ukuthi kuhlasele abantu abangaziwa, okusolwa ukuthi bebeyilandela imoto ebihamba abashonile isuka eNewtown A.
“Ngesikhathi bedutshulwa, sizwa kuthiwa umnikazi wemoto ubesengaphakathi esitolo esidayisa utshwala. Kuthiwa uphume sebedutshuliwe, bakhishwa emotweni ebebekuyo balahlwa emgwaqweni, kwahanjwa nayo imoto,” kusho uNkk Mkhwanazi.
Uqhube wathi ocingweni utshelwe ukuthi uyedwa oshonile, ababili basaphefumula.
“Ngithe ngifika khona ngathola ukuthi usevele washona nalo wesibili, osaphila yilo odutshulwe yinhlamvu ebindiza emoyeni, ube esephuthunyiswe esibhedlela,” kulandisa uNkk Mkhwanazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya amacala amabili okubulala.
“Lokhu kulandela isehlakalo sokubulawa kwabesilisa bandawonye abaneminyaka engu-35. Babulawe ngokudutshulwa ngabantu abangaziwa ngeSonto eziMangweni eNanda.
Abafi badutshulwe izikhawu eziningi. Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa,” kusho uLt Col Gwala.