KUPHAZAMISEKILE ukuhamba kwezimoto ezingxenyeni eziningi zeNkandla kulandela imibhikisho yezakhamuzi ebezikhala ngokungalungiswa kwemigwaqo.
Izolo kuse imigwaqo eminingi yaseNkandla ivaliwe kulandela ukungaphumeleli kwezingxoxo phakathi kwezakhamuzi noMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.
Izakhamuzi ezibhikishayo zisabisa ngokuvala imigwaqo kuze kube umnyango uyacacisa ukuthi uzoyilungisa nini.
Phakathi kwemigwaqo ekhalisa izakhamuzi zakule ndawo kubalwa osuka oThukela uya eSilutshane, kube exhumanisa idolobha iNkandla nezindawo ezifana noMachanca, Fourtlouis, Masangwen’amnyama nezinye.
NgeSonto umnyango wathumela isikhulu esibhekelele ingqqalasizinda yezokuthutha, uMnuz Simphiwe Nkosi, ukuba ayokuzwa izikhalo zomphakathi.
Izingxoxo ezazisenkantolo yenkosi yakwaXulu azizange ziphume nesisombululo.
Inkosi Thembinkosi Xulu, ithe azizange zenelise izimpendulo ezanikezwa uNkosi emhlanganweni, nathe kuholele embhikishweni.
“Ngaphambi komhlangano saqale nje saphuma naye, sahamba simkhombisa yonke le migwaqo esikhala ngayo. Emva kwalokho sabe sesiba nomhlangano naye. Emhlanganweni wafike wangasitshela into ebambekayo. Yingakho umphakathi uvele wanquma ukubhikisha. INkandla ivaliwe thaqa.”
UXulu uthe isimo semigwaqo yaseNkandla asisihle, wathi futhi ayinakekelwa.
UXulu uthe abasakhaleli ukuthi ifakwe itiyela kepha wathi bakhalela ukuthi igugulwe ikakhulukazi emva kwemvula.
“Into esisukumise phansi isimo ebesisibona njengoba kukade kuwuDisemba. Like lana izulu, kwabhajwa imoto eyayithwele isidumbu. Ngawo uDisemba futhi kwabhajwa iloli elalilethe ukudla kwesitokufela. Iloli labhajwa izinsuku ezine. Ukudla okwakuphakathi kwabola kwaphela.
“Sisenkingeni eNkandla, ngeke usho ukuthi sike saba nomengameli ophathe iminyaka eyisishagalolunye. Siphuma kuhulumeni wobandlululo, manje siyahlehla njengoba sesiphethwe uhulumeni wentando yabantu.
“Uma ube nenhlanhla yokubabona bobabili labohulumeni uzokusho ukuthi wawungcono uhulumeni wobandlululo. Ngaphansi kohulumeni wobandlululo, kwakuthi uma likade linile bese kuthunyelwa izimoto zizolungisa umgwaqo mhla selibalele. Wawuzibona izimoto eziphuzi zizolungisa. Manje akusenzeki lokho.”
UXulu uthe sebekhathele ukulokhu bethenjiswa ukuthi le migwaqo izolungiswa.
“Bonke ongqongqoshe abafika kulo mnyango bafike benze izethembiso ezigcina zingafezwanga. Sesikhathele manje yile nto. Sizoyivala imigwaqo kuze kube bafika nento ephathekayo ezocacisa ukuthi imigwaqo izolungiswa nini.”
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe yize kukhombisa ukuthi uyifundile.