IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikhwele yadilika kumakhansela amaqembu aphikisayo, yathi into ayaziyo ukusonga izandla agxeke, awafuni umasipala uzenzele ngokwawo imali.
UKaunda uthe ayikho imali ezovele iqhamuke phezulu njengemana yaseBhayibhelini futhi uyazi ukuthi la maqembu ngeke akuvotele ukuphasiswa kwesabelomali.
Uphawule kanje emuva kokwethula isabelomali esihlongozwayo sikaR67.3 billion.
Amaqembu aphikisayo okubalwa kuwona i-ActionSA, IFP, DA ekhale ngobunzima obuzothwalwa ngabantu kusukela ngoJulayi1.
Athe kumanje zimapeketwane izinto eThekwini, yini lena ezobe ikhokhelwa abantu ngoba abazitholi izinsiza kumanje? Abalule inkinga kagesi, eyamanzi, ukuqowa kukadoti nokunye.
INational Freedom Party ne-EFF babonakale behambisana nokuningi ebekade kwethulwa uKaunda enkulumweni yakhe.
“La makhansela ahlala phansi akhononde ngezingqinamba ezikhona kwingqalasizinda kodwa awafuni ukuba umasipala uzenzele ngokwawo imali ukuze ubhekane nalezo zinkinga. Ayikho imali efana nemana, ezokwehlika phezulu izohlala emkhandlwini,” kusho uKaunda.
UKaunda uphakamise ukuthi imali kagesi ikhushulwe ngo-14%, eyamanzi ngo-14.9%, eyokuthuthwa kwendle ngo-12.9%, ukuqoqwa kadoti emakhaya ngo-8% kumabhizinisi ngo-9%.
Uthe uphiko lwezokuHlaliswa kwabantu bazolwabela uR1.44 billion, bakhe izindlu ezingu-1 638.
“Siyazwelana nabantu, yingakho sinanomgomo othi bonke labo abangakwazi ukukhokhela izinsiza abazithola kumasipala sibafaka ngaphansi kohlelo lokungakhokhi. Asifuni ukufaka ingcindezi enkulu nakosomabhizinisi. Ngakolunye uhlangothi, isabelomali sethu kumele sikwazi ukwenza izidingo zomphakathi,” kusho uKaunda.
Ukuphikile ukuthi uMasipala waseThekwini ucwile ezikweletini ngakho ukuboleka kwabo uR1.5 billion abakuhlongozayo kuncane uma kuqhathaniswa nokweminye imikhandlu emikhulu kuleli.