UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usenxuse abantu ukuthi bangavinjwa uma befuna ukuyosebenzisa ilungelo labo lokuvota noma kunezikhalazo emphakathini.
URamaphosa okhulume kanje emuva kokuvota esikoleni iHitekani Primary, eChiawelo, eSoweto, uthe uthemba ukuthi abezomthetho bazoqinisekisa ukuthi abantu bayakwazi ukuvota.
"Ngithemba ukuthi abantu bazokwazi ukuvota noma kukhona abangeneme. Ngethemba ukuthi konke kuzohamba kahle ezweni lonke njengoba kuqhubeka ukuvota kuze kuvalwe izikhungo,“ kusho uRamaphosa obehamba nowakwakhe uDkt Tshepo Motsepe.
Uveze ukuthi unethemba lokuthi abantu bazophinde bayinike elinye ithuba i-ANC.
Usho lokhu nje kwezinye izindawo okubalwa nase-Eastern Cape kunemibhikisho eqhubekayo abantu abangeneme ngokugqoza kwezidingo.
Abanye babaholi bamaqembu ahlukene ezepolitiki bahlabe ikhwelo elifanayo lokuthi abantu abaphume bayovota.
UMnuz Masego Sheburi, iphini lesikhulu esiphezulu seKhomishini yezoKhetho, utshele isiteshi sethelevishini ukuthi iningi labavoti liphuma ekuseni ukuyovota.
Uthe ngokwemibiko abayitholile zimbalwa izehlakalo zokuphazamiseka kokuvota abebesabikelwa ngazo.
Uhlabe ikhwelo kubantu ukuthi baphume bayovota njengoba izikhungo zivalwa ngo-9 ebusuku.
Okunye okubaluliwe ngukuthi uma wenze iphutha ngesikhathi uvota, uyakwazi ukucela elinye iphepha lokuvota uphinde uvote.
Kuchithwe njengamampunge ukuthi abesifazane abapende izinzipho abavunyelwe ukuvota njengoba kuxikizwa isithupha sabo ngo-inki.
Laba okuzoshaya u-9 ebusuku besami kolayini ezikhungweni zokuvota bazovunyelwa ukuthi bavote baze baphele bonke kulayini.