SEKUHLATSHWE ikhwelo kubazali ukuthi babe sezigungwini ezilawula izikole, ukuze babe nezwi ezintweni ezithinta ukunyuswa kwemali yokufunda nezinye.
Ikhwelo lishaywe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ethula umkhankaso wokuvotelwa kwemikhandlu elawula izikole.
UNkk Motshekga uthe abazali abangahambeli kude nezikole, ukuze zibe ngcono futhi zenze kahle.
“Ngike ngihlangane nabazali bangikhalele ukuthi esikoleni sezingane zabo kunyuswe imali yesikole. Ngiyabatshela ukuthi lezi zinto zinqunywa yisigungu sabazali. Abanye kabayona ngisho ingxenye yalezi zigungu, okuyilapho kuxoxwa khona izinto ezithinta isikole.”
Uthe uma uyingxenye yesigungu sesikole uba nolwazi ngezinto ezenzeka esikoleni.
“Uba nolwazi lokuthi imali izonyuka kangakanani ngonyaka olandelayo. Ngaleyo ndlela ngeke uze ukhale ngokunyuswa kwemali ngoba uzobe uyingxenye yalolu hlelo.”
Uveze ukuthi ukuvotelwa kwezigungu ezintsha zezikole kuqala ngoMashi 1 kuya kuMashi 31, 2024.
“Ngokomthetho izigungu zabazali zikhethwa eminyakeni emithathu. Njengoba sithula lo mkhankaso, sifuna wonke umuntu abe yingxenye yalolu hlelo.”
Uthe ukuba yingxenye yezigungu kukhomba ukuthi ukhathalele imfundo yengane.
“Siyazi ngalesi sikhathi salolu khetho kuzoba namaholidi, kuphinde kuvalwe nezikole. Yingakho sifuna ukuthi izikole zisheshe zilwenze lolu hlelo ngoba wuthola ukuthi ngomhlangano wokuqala ababi baningi abafikayo, kuze kudingeke ukuthi kuhlehle.
Ngehlandla lesibili mhlawumbe kuba ngcono ngoba baba baningi abazali bese kuhlala umhlangano.”
Uthe abanye abazali bayadembesela, bangayi emihlanganweni bese bebuya bezokhala ngokuthi bashiywe ngaphandle.
Uveze nokuthi uma isikole sinesigungu sabazali esisebenzayo, zincane izehlakalo zokucekelwa phansi kwesikole, noma ukugqekezwa kwaso.
“Ezikoleni eziningi ezenza kahle, abazali baba yingxenye yazo uma uqhathanisa nezingenzi kahle. Abazali balahlekelwa yithemba uma isikole senza kabi. Izikole zidinga ukwesekwa ngabazali ukuze zenze kahle.”
Uxwayise ngabazali abafuna ukuba sezigungwini zezikole ezehlukene ngoba bejahe imali.
UMnuz James Ndlebe oyisikhulu emnyangweni, uthe uma kuphela uMashi singakhethiwe isigungu esisha, leso sikole ngeke sibe nesigungu sabazali.
Uxwayise abafuna ukungena ezigungwini, ekubeni bengenazo izingane wathi uma bebathola bayabasusa ohlwini.