ISIKHULU sekhomishini yokhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC), sihlabe ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika abahlala kwamanye amazwe ukuthi baphume ngothi lwabo ngale mpelasonto bayobhalisela ukuvota okhethweni lwalo nyaka.
UMnuz Sy Mamabolo isikhulu esiphezulu se-IEC, siveze ukuthi bevile ku-18 000 abantu bakuleli abahlala kwamanye amazwe asebeqalile ukubhalisela ukuvota.
Ikhomishini ivule ithuba kule mpelasonto ukuthi abantu bakuleli abakwamanye amazwe, bakwazi ukubhalisela ukubhalisela ukuvota okhethweni lukazwelonke, okungakamenyezelwa ukuthi luzoba nini.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, eGoli, uMamabolo uveze ukuthi kusuka ngoDisemba nyakenye, bevula uhlelo lokubhalisa kulabo abahlala kwamanye amazwe, bangu-18 469 abasemazweni angu-101 asebebhalisile.
“Lolu hlelo lokubhalisa abantu abahlala kwamanye luyaqala ukwenzeka kulolu khetho njengoba phambilini babebhalisa ezindlini zamanxusa. Okhethweni lwango-2019, bangu-21 000 abantu bakuleli abakwamanye amazwe abavotela kulawo mazwe. Sethemba ukuthi ngokuqala uhlelo lokubhalisa sisebenzisa i-online, luzokwenza babe baningi abazobhalisa.”
Udalule ukuthi abantu abaningi asebebhalisile abahlala kwamanye amazwe iningi labo lise-United Kingdom ngabangu-(5 938), Netherlands (1 844), Germany (746), United States (821), Ireland (675), United Arab Emirates (1068), China (515), Australia (588), New Zealand (314), Cuba (293), Portugal (284) and Belgium (280).
“Emazweni ase-Afrika angu-28 bangu-316 asebebhalisile eMauritius, Lesotho (224) Namibia (148), Botswana (170), Zambia (96), Zimbabwe (77), Kenya (73), Ghana (45) kanti eTanzania (40). Kulabo abavota ngo-2 019, abangu-7 023 babeqala ukuvota.”
UMamabolo unxuse abazobhalisa ukuthi bakwenze lokhu kusuka namhlanje kuze kube yiSonto.
Uveze nokuthi nalabo ababhalisile bangaya kozibheka ukuthi basabhalisile ezindlini zamanxusa noma ngokusebenzisa i-website yekhomishini.
Ukuze ubhalisele ukuvota, uMamabolo uthe udinga umazisi kanjalo ne-passport yakuleli.
Udalule nokuthi uMnyango wezoBudlelwano namaZwe oMhlaba, ubazise ukuthi izindlu zamanxusa ezintathu eziKwa-Israel, Sudan, ne-Ukraine, zisavaliwe ngenxa yezimo zezokuphepha.
“Sinxusa abahlala kulawa mazwe ukuthi babhalise ngokusebenzisa i-website yekhomishini ethi: www.elections.org.za. Kudingeka bagcwalise ifomu elizobe lifuna imininingwane yabo kanjalo nezinye izinto ezithinta ubuzwe kanjalo nendluj yenxusa abafuna ukuvotela kuyona.”
Ubonge uMnyango wezoBudlelwano namaZwe oMhlaba ngosizo olunika ikhomishini ukuthola abantu bakuleli emazweni abakuwo.