BAPHONSELWE inselelo yokuba beze nobufakazi abasola iMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ngenkohlakalo nokwenzelela.
Umhlaziyi wezepolitiki nobuholi be-DA KwaZulu-Natal bathe ingcabha isele kwabasola uPappas ngenkohlakalo, ukuba beze phambili nobufakazi ukuze kuzophenywa.
Bakhuluma kanjena nje owayengumholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Sizwe Mchunu, usanda kubhalela ihhovisi loMvikeli woMphakathi elicela ukuthi liphenye izinsolo ezibhekene noPappas.
UMchunu ubhale incwadi emva kokuthi umuntu ozibiza ngo-Baas Kruger ezinkundleni zokuxhumana, enze izinsolo zokuthi inkampani yomlingani kaPappas, uMnuz JP Prinsloo, ihlomula ngamathenda omkhandlu.
Lo muntu uthe ngoDisemba wangonyanka odlule inkampani kaPrinsloo yathola u-R100 000 emkhandlwini.
Encwadini, uMchunu ucele ukuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi liphenye lezi zinsolo, wakhala ngokuthi zibucayi.
“Abantu bakhombise ukukhathazeka okukhulu ngalezi nsolo. Kusobala ukuthi ngeke sikwazi ukuziziba izinsolo.”
Ubuholi be-DA KwaZulu-Natal bukhale ngokuthi uMchunu akanabo ubufakazi kepha uthembele ezintweni ezishiwo wumuntu ongazibizi ngegama lakhe langempala ezinkundleni zokuxhumana.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kuyasolisa ukuthi lezi nsolo ziqhamuke kungakapheli nasikhathi esingakanani i-DA imemezele ukuthi uPappas nguyena ozongenela umbango wesikhundla sikaNdunankulu KwaZulu-Natal.
“Kungani lezi zinsolo ziqondane nalo mzuzu lapho kunesasasa ngokuphakanyiswa kwegama likaPappas? Into ezosiza lana ukuthi labo abanezinsolo beze phambili nobufakazi, khona kuzophenywa. Ingcabha isele kulabo abenze izinsolo.
“Okwamanje ukuqondana kwezinto kwenze ukuthi kube nongabazane. Okunye okwenza kube nongabazane wukuthi kukhona nasebehlasela yena siqu sakhe uPappas, okwenza kusolise ukuthi inhloso enkulu wukucekelwa phansi kwegama lakhe.”
UKhumalo uthe ukuba nabantu abaningi abamvikelayo uPappas ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa ukuthi abantu bafuna ukuba kube noshintsho kuhulumeni wakuleli.
“Ukhona loyo muzwa wokucikeka ngesimo esikhona. Abantu bathi akudlule lokhu okukhona, sike sithole okusha. Abantu bakhombisa ukuthi sesibami emphinjeni lesi simo esikhona.”
UPappas akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe kepha uzichithile izinsolo ngesikhathi enenkulumo emsakazweni izolo.
Ihhovisi loMvikeli woMphakathi kalizange liyiphendule imibuzo eliyithunyelwe.