KULINDELEKE ukuthi kukhulekelwe izinto eziningi ezahlukene kwindumezulu yenkonzo eyethiwe elokuthi yiKings and Queens of Gospel ehlelwe yinhlangano iKhono Foundation.
Lokhu kuvezwe uSihlalo wale nhlangano, uNkk Zodwa Msimang obekhuluma kabanzi ngokubaluleka kwale nkonzo.
Inkonzo izokuba ngoMgqibelo eThe Station, eThekwini. Izoqala ngo 5 ntambama. Bayiqhuba ngaphansi kwendikimba ethi : "Revive, Restore and Rejoice.''
UNkk Msimang uveze ukuthi lona kuzobe kungunyaka wesihlanu beba nalolu hlobo lwenkonzo.
"Yize kuzoba umculo omningi kodwa lena yinkonzo nje ephelele. Siyambonga kakhulu uNkulunkulu ngayo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi bafuna ukuyisebenzisela ukuthi balaphe abantu emoyeni ababhekene nezinkinga ezahlukene.
"Siyethemba ukuthi bazozizwa belaphekile bonke abantu abazothola ithuba lokuba yingxenye yayo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi iya ngokukhula minyaka yonke selokhu baqala ukuba nayo eminyakeni eyedlule.
"Vele sihlose khona ukuthi siyibone ikhula minyaka yonke. Siyabamema bonke abantu baseThekwini ukuthi bafike ngoMgqibelo, ngeke baze bazisole nakancane nje,'' kusho yena.
Phakathi kwabaculi okulindeleke ukuthi babe yingxenye yayo kubalwa uDumi Mkokstad, Sindi Ntombela, Ntokozo Mkhize, Khanyo Mkhize noNombu Mkhize.