ISIKHATHI samaholidi kaDisemba yilapho abantu abaningi besuke bejabule khona, behlangana nemindeni yabo bejabulela ukuphetha unyaka besaphila, bebonga nokuhle abakuzuzile.
Nokho ekwenzeni lokho, iqiniso wukuthi ukujabula kanjalo kwenza abanye abantu ikakhulu abazali abasebasha babe wuvanzi, okugcina kuholela ekutheni bangabi nasikhathi sezingane zabo, ezinye zazo ezisuke zisele ngazodwana.
Yilapho futhi okwanda khona izigameko zokuhlukumezeka kwezingane ngezindlela ezahlukene, ezinye zize ziziphathe budedengu okungazibeka engcupheni yokulimazana zodwa.
Kukhona konke lokhu, isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sesidalule ukuthi nakuba lesi sikhathi kungesokujabula kubantu abaningi, kodwa uma unosana, amaholidi okuphela konyaka angenza kube nezinto ezikukhathazayo ngokuphepha kwengane yakho.
“Lesi sikhathi sonyaka sivame ukwandisa izivakashi emakhaya ehlukene, zonke ngokwehlukana kwazo ezifika nolwazi olwehlukene lokuthi umntwana uphathwa kanjani. Yingakho kufanele uqaphele ukungabi nenqwaba yezivakashi kwakho noma kini ukusiza ukugcina ingane yakho iphephile, futhi uqikelele ukuthi akufinyeleli noma wubani kuyona,” kusho isikhulu esiphezulu se-Affinity Health uMnuz Murray Hewlett.
Amanye amathiphu ezinto ongazenza:
1. Makube negebe phakathi kwengane yakho nabantu:
– Ingane esanda kuzalwa ingenwa kalula wumkhuhlane nezinye izifo, ngakho ukwazisa abomndeni nabangani bakho ukuthi abaqale ngokugeza izandla futhi bahlanzeke andukuba bathinte usana lwakho, nokugwema ukuza kwezivakashi uma zingaphilile kahle, kungasiza ukwenza umehluko ekuphepheni komntwana.
2. Phephisa umntwana wakho ezifweni:
– Ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka, abantu abaningi bayahlangana, futhi basondelane kakhulu okwenza kube lula ukuthelelana ngamagciwane. Yingakho kusiza ukwehlisa isibalo sabantu abaphatha umntwana wakho ukuze aphephe ezifweni.
3. Hlonipha isikhathi sengane sokulala:
– Indlela eyodwa nenomgqigqo ofanayo olandelekayo wendlela ingane ekhula ngayo isemqoka ikakhulu indlela nesikhathi elala ngaso. Nakuba ukuhlela isikhathi sezivakashi kungenza ufise nokuthi babone ingane yakho, kodwa ukugcina weqisa isikhathi elala necambalala ngaso, kungaholela ekutheni ingane yakho ikhathale. Ingane elala ngokwanele ikhula kahle futhi akubi lula ukuthi kube khona izinto eziyiphazamisayo emoyeni.
4. Phephisa umntwana wakho ephungeni lentuthu kagwayi neleziqholo ezinamandla:
– Uma kuwukuthi esinye sezivakashi zakho siyabhema, kusemqoka ukuvikela ingane yakho ephungeni lentuthu kagwayi ngenxa yokuthi ukuhogela lelo phunga elinamakhemikhali ayingozi kungaba nomthelela omubi empilweni yomntwana wakho. Iziqholo ezinamandla zingadala isicanucanu kusana.
5. Khuthaza kuthi ingane yakho iphathwe kahle:
– Abomndeni nabangani okungenzeka ukuthi abazi ukuthi usana luphathwa kanjani, kumele bacotshelelwe ngolwazi lwalokho ukuze bangaphathi ingane ngendlela ezokwenza ingakhululeki.
6. Beletha umntwana wakho, umgcine kuwena:
– Ukubeletha umntwana wakho nokumgcina ekuwena isikhathi eside, kuyasiza ukugwema ukuthi abantu balokhu becela ukumphatha, okungakulekelela ukugwema lokhu okubalwe ngenhla.
“Ekwenzeni konke lokho, qikelela ukuthi awenzi ukuthi abantu abakuvakashele bazizwe bengamukelekile kwakho noma kini. Yiba nendlela enenhlonipho yokuchaza ukuthi ufuna ukuthi abantu bamphathe kanjani umntwana wakho. Amaholidi yisikhathi sokuhlangana, sijabule. Uma uhlela izinto zakho kahle, futhi ubeka ukuphepha komntwana wakho phambili, uzokwazi ukuba nesikhathi esinenjabulo,” kusho uHewlett.