Belike lanukeka emikhubeni yokwebiwa kwemfuyo endaweni ikhansela le-IFP kuMasipala iNdumeni ngaphambi kokuthi lizithele kunoxhaka wamaphoyisa alibophe nezinkomo okusolwa ukuthi bezintshontshiwe.
UMnuz Dumisani Xaba (52) waKwaSithole eDundee, uzobuyela ngesonto elizayo eNkantolo yeMantshi yaseDannhauser, naboshwe nabo ababanjwe ngamaphoyisa belayishe emotweni izinkomo zokwebiwa okukholakala ukuthi bezintshontshwe epulazini lomlimi ngeSonto.
UXaba, oyikhansela le-IFP elihlala kulo mkhandlu ongaphansi koweSifunda Umzinyathi, noMnuz Kwazi Zungu bebevele enkantolo kanti bathweswe icala lokweba imfuyo.
Imoto kaXaba, ebihudula inqola ebinezinkomo ezine, kuthiwa imiswe amaphoyisa emgwaqeni u-R33 phakathi kweDundee neKranskop ngeSonto ebusuku. Kuthe uma befakwa izinkwesheni ngokuthi baphumaphi futhi balibangisaphi bakhombisa ukunkwankwaza, zabe seziyabakhalela.
Inkantolo ilihlehlisele uLwebili leli cala, lapho kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili. Kuthiwa ngesikhathi beboshwa, amaphoyisa acele ukunikezwa incwadi egunyaza ukulayishwa kwemfuyo kodwa bakhipha ebinemininingwane engacacile, okwenze amaphoyisa asola ukuthi kukhona okushaya amanzi.
UXaba, okuvele ukuthi ubuye abe wuMfundisi ebandleni laseChibini, kuthiwa uphinde abe nguSihlalo we-IFP eNdumeni.
USihlalo wenguyazana ye-IFP kulo masipala, uMnuz Xolani Msezane, ukuqinisekisile ukuthi bazwile ngokuboshwa kukaXaba.
“Siyakholelwa ekutheni umuntu umsulwa kuze kube inkantolo imthola enecala. Emva kokusabalala kwesithombe esinemoto edonsa inqola enezinkomo okuthiwa abanikazi baboshwe ngamaphoyisa, siyifanisile nekakhansela wethu, kwaphoqa ukuthi ngithinte uSomlomo sanikela esiteshini samaphoyisa eDundee, nebala sifike kunguye uXaba oboshiwe.
“Udaba siludlulisele ebuholini obungenhla okuyibona obuzonquma. I-IFP imile emgomweni wawo yokungahambisani nanoma yiluphi uhlobo lobugebengu, ngakho sidedela umthetho ukuthi uphenye,” kusho uMsezane.
Umthombo weSolezwe, okhona kule ndawo ongathandanga ukudalulwa, uveze ukuthi bezikhona izigameko zokuntshontshelana imfuyo endaweni, kanti leli khansela belinukeka kodwa liziphungele ngokuthi liyazondwa nokuthi yizimpi nje zomndeni.
“Esigamekweni nje sakamuva esenzeke ngoMeyi, kudutshulwe indodana yalo ikhansela okukholakala ukuthi kwakubangwa izinkomo zokwebiwa. Kwaphela izinsuku ezimbili, kwadutshulwa okukholakala ukuthi uyena owadayisa indodana yekhansela okusolwa ukuthi yisenzo sokuziphindiselela,” kusho umthombo.
Kubuzwa uMsezane ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi sikhona isigameko esinjalo esenzeka endaweni. Uveze ukuthi amahlebezi abehlanganisa ukufa kwendodana yekhansela nawokuziphindiselela, abe nomthelela ongemuhle ngisho nangesikhathi sekuvotwa njengoba bekukhona abebelibeka ngembaba bethi ngeke bayivotele i-IFP. Bethi ngeke bayivotele ngoba kubulawa abantu akholwa ukuthi kungenye yezimbangela zokuthi yehlelwe kakhulu ukwesekwa okhethweni kulesiya sigceme. Uthe uboshwa nje uXaba bekuwusuku abebize ngalo inguyazana ye-IFP ukuzobhunga ngemiphumela etholwe iqembu kule ndawo nendlela eya phambili, nakho-ke sekungasenzeki.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni Umzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uthe abasolwa babhekene namacala okuntshontshwa kwemfuyo.