KUHLWE emini owesilisa egwetshwa odilikajele ababili yinkantolo eNkulu yasePitoli ngamacala okubulala.
USibusiso Mtshali (29) waseVosloorus owaziwa ngokuba yinkabi ugwetshwe odilikajele ababili ngamacala amabili okubulala okuhleliwe.
Ugixabezwe ngeminyaka engu-15 ngamacala amathathu okuzama ukubulala, eyisithupha yokutholakala nesibhamu neminye emithathu yokutholakala nezinhlamvu.
Kuthiwa ngomhlaka19 Meyi 2019, uMnuz Convency Lawrence Twala owayengusomatekisi wayesemzini wakhe eZithobeni, eBronkhorstspruit, nabangani bakhe abane ngesikhathi kugasela uMtshali ehamba nabanye abantu ababili, bavulela ngenhlamvu.
UTwala wafa ujuqu kwathi umngani wakhe uKagiso Zachariah Rampou wafela esibhedlela. Abangani babo ababili balimala kodwa basinda.
Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela enkantolo yeMantshi eVanderbijlpark ngomhlaka 24 Mashi 2022 evele ngelinye icala lokubulala.
Ngokombiko wophiko lwezokushushisa, uMtshali wagqunywa esitokisini kusukela ebanjwa enkantolo yemantshi ngemuva kokunqatshelwa ibheyili.
Waqale wawaphika amacala ayebekwe wona, kodwa ngemuva kokulahlwa ngawo, wanxusa inkantolo ukuthi ibe nozwelo kuyena ngesigwebo ezosikhipha icabangele iminyaka yakhe.
Umshushisi obephethe icala u-Advocate Sipho Lalane ukhale ngokuthi uMtshali akazange abonise ukuzisola ngezenzo zakhe.
Wayenesikhathi esiningi sokushintsha umqondo esuka eGoli eyokwenza amacala eBronkhortspruit.
Wahamba waze wafika emzini kamufi embulalela ekhaya lakhe.