IFUNA kube khona okwenziwayo ngamaphoyisa angamazambane abolile asebenzisana nemigilulukudu, i-Democratic Allience (DA).
Lokhu ikusho izolo ngesikhathi ihambele esiteshini samaphoyisa saseVerulam, okuke kwaba nemibiko yokuthi amaphoyisa akhona ayehluleka ukwenza umsebenzi.
Kusabalale imibiko ebisola amaphoyisa akulesi siteshi ngokuba mdibimunye nemigulukudu.
UMnuz Chris Pappas oyiMeya yaseMgeni, okhethelwe kwesobundunankulu kwi-DA, uthe bakhathazekile kakhulu ngemibiko engemihle ngalesi siteshi.
Uthe kumele asuswe amaphoyisa angamazambane abolile asebenzisana nemigulukudu.
"Kusiphathe kabi ukuzwa ngezindaba zokuthi kukhona amaphoyisa akulesi siteshi asebenzisana nezigebengu," usho kanje.
Ulimise ngesihloko elokuthi eVerulam, Mashu neNanda, babhekene nengwadla yokwanda kobugebengu.
Eqhuba uphosele inselelo uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuba kube khona akwenzayo ngalesi simo.
Uthe akukho okuzolunga uma amaphoyisa sekuyiwona ezwa ngezinswelaboya.
UMnuz Ian Cameron oyisishoshovu esilwa nobugebengu, uthe kubi ukuthi mihla namalanga kukhulunywa ngenkinga yobugebengu KwaZulu-Natal.
Usole uhulumeni ophethe ngokungabi nazo izimpendulo ngenkinga yobugebengu obugubazele iKwaZulu-Natal nezinye izifundazwe.
Uthembise ukuthi bona bazimisele ngokuthi benze konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kuyaphela ukucanasa kwezigebengu eVerulam.
Uphawule nangodaba lowesilisa okuthiwa uyacanasa eVerulam ngoba uzwana namaphoyisa.
"Kumeke kube khona okwenziwayo mayelana nalo wesilisa okuthiwa wenza umathanda ngoba nakhu asebenzisana namaphoyisa," echaza.
Umphakathi wakule ndawo ukhale ngokungalutholi usizo emaphoyiseni njalo uma kunezigameko zobugebengu.