IPHINI leNhloko yamaJaji kuleli, iJaji Mandisa Maya, eliphakanyiselwe kwesenhloko yamajaji, lithi lisungule umgomo wokuvikela ozakwabo ezenzweni zocansi.
IJaji Maya lidalule lokhu izolo, ngesikhathi kunenhlolokhono lapho beliphekwa ngemibuzo yiJudicial Service Commission (JSC), ebiholwa yiNhloko yamaJaji kuleli, iJaji Raymond Zondo.
IJaji uMaya liphakanyiswe nguMengameli uCyril Ramaphosa, wathi yilona alibona lifanelwe wukuvala isikhala sikaZondo, oseyodla endala. Kuvele ukuthi iJaji uMaya liqhamuke nombono wokuthi kube nomgomo wokubhekana nenkinga yezenzo zokunukubezwa kozakwabo emsebenzini.
“Lowo msebenzi uyaqhubeka futhi ususemaphethelweni, sawubhala umbiko wokuqala waya kubaphathi bawubuyisa bathi asilungise okuthile. Sisanda kulungisa nje sawuhambisa umbiko siyethemba uzophumelela kulokhu,’’ kusho iJaji uMaya.
UZondo uvumele phezulu wathi ikomiti impela uyalazi liholwa yiJaji uMaya futhi kwaba wumbono walo. IJaji uMaya lithe kufanele kubhekisiswe indaba yezimo zokusebenza namaholo ozakwabo.
“Izimo zokusebenza kufanele zibe zinhle ukuze sihehe abantu abasezingeni eliphezulu. Ngiyazi nje ukuthi izimantshi zike zasabisa ngokuya esitelekeni nongqongqoshe uyakwazi lokho,’’ kuchaza iJaji uMaya.
Ungene odabeni lokunakekelwa kwezempilo nokuqinisekisa ukuthi baphile kahle ngoba babhekene nomsebenzi obucayi nobalulekile.
Uthe uzimisele ngokusukumela udaba lwezokuphepha ezinkantolo wathi kunezigameko zokuhlaselwa kozakwabo lapho okusuke kufanele baphephe khona. Uthe uMengameli wamaJaji eGauteng, iJaji Dunstan Mlambo, uke waba ngumgilwa wobugebengu enkantolo.
IJaji uMaya lithinte nodaba lokuvikelwa kwesithunzi sezobulungiswa lathi uhlaka lwezokuxhumana kufanele likhuphule amasokisi lufundise abantu ngokusebenza kwamajaji.
Uthe umphakathi uke ukhale ngezinto ezilula nje okufanele ngabe uyafundiswa ngazo njengokuboshwa komuntu adedelwe ngebheyili. Uthe ukungabi nolwazi kwabantu kwenza baphelelwa ukwethemba umkhakha wezobulungiswa.
Ijaji lithe enye inkinga enkulu wukuthi kunabantu abanegama emphakathini abahlalele ukugxeka ezobulungiswa esidlangaleni nje, bebe bengazifundanga izinqumo zamajaji.