I-ANC iqhubekile nokulahlekelwa amawadi okhethweni lokuchibiyela idlelwa amanye amabili ngoLwesithathu.
UKhongolose ulahlekelwe uWard 13 kuMasipala waseMhlathuze othathwe yi-IFP newadi elikumasipala osesifundazweni iNorth West, elithathwe yi-EFF.
Le nhlangano ikwaze ukuvikela amawadi amabili kulawa amane ebikade iwaphethe ngaphambi kokhetho lokuchibiyela lwangoLwesithathu.
Isikhala kuWard 13 kuMasipala waseMhlathuze sivuleke emva kokusula kwekhansela le-ANC, uMnuz Lindokuhle Ndlovu, owasula emva kokusinda esigamekweni sokudutshulwa.
Obemele i-IFP kulolu khetho, uMnuz Sibusiso Ndunakazi, unqobe ukhetho ngo-53.3% wamavoti.
Ukunqoba kwe-IFP kusho ukuthi isinezihlalo ezilinganayo neze-ANC emkhandlwini njengoba isinezingu-25 kwezingu-67.
Ukunqoba kwe-IFP kuphinde kuqede nya amathuba ombimbi lwe-ANC ne-EFF okuthatha lo mkhandlu.
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukunqoba kwabo bakunikela kumsunguli wale nhlangano osanda kukhothama, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
“Ukunqoba kwethu kuyimiphumela yokusebenza ngokuzikhandla kukaButhelezi, kuphinde kukhombise ukuthi i-IFP iseyithemba labantu bakuleli.”
UNtuli uthe ukwenza kahle kwe-IFP ezinkethweni zokuchibiyela kukhombisa ukuthi le nhlangano ikulungele ukuphatha.
“Njengoba kunokhetho oluzokuba ngonyaka ozayo, ukunqoba kwethu kuthumela umyalezo wokuthi i-IFP iyona ethandwayo lapha KwaZulu-Natal.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, ukhale ngokuthi izimo abebebhekene nazo kulolu khetho lokuchibiyela bezingezinhle.
UMndebele ubonge bonke abavotele i-ANC, wathembisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzoqhubeka nokuhlinzeka bonke abantu ngezidingo.
“Sibonga wonke amavolontiya abekhankasela i-ANC. Abantu abangaphezu kuka-2 300 bavotele i-ANC. Lokhu kusho lukhulu. Njenge-ANC KwaZulu-Natal sizoqhubeka nokwenza isiqiniseko sokuthi uhulumeni wesifundazwe uyaqhubeka nokuhlinzeka abantu bakithi ngezidingo ngokungakhathaleli ukuthi bavotele liphi iqembu.”
I-EFF yona ithathe uWard 3 kuMasipala waseMaquassi Hills, eNorth West. Le wadi ibikade iphethwe i-ANC ngaphambilini.
Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMnuz Sinawo Tambo, ubonge abantu abavotele i-EFF.
“Indlela yethu ebheke ekunqobeni ukhetho lwangonyaka ozayo iqala la.”
I-ANC yona ikwaze ukunqoba amawadi amabili, eNorth West naseLimpopo.