IHHOVISI likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, selizwakalise ukukhathazeka kwalo futhi lagxeka abantu abakhangisa ngemisebenzi engekho besebenzisa izinkundla zokuxhumana nezinye izindlela zokusabalisa ulwazi.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba namhlanje, lithe ezinye zalezi zikhangiso, ezingaselona iqiniso, zakhangiswa wuhulumeni wesifundazwe ngo-Agasti nyakenye ngaphansi kohlelo, iSthesha Waya-Waya.
“Izikhangiso zaleyo misebenzi nohlelo lokuqashwa kuzona sekwavalwa futhi azikaze zikhangiswe kabusha. Zonke izikhala zemisebenzi kuhulumeni wesifundazwe zikhangiswa ekhasini le-website likahulumeni noma kuma-website eminyango,” kusho isitatimende.
Lesi sitatimende sigcizelele ukuthi lezi zikhala zemisebenzi ezikhangiswa ezinkundleni zokuxhumana azigunyaziwe wuhulumeni wesifundazwe kodwa zingezabantu abahlose ukulutha abantu baseNingizimu Afrika abadinga imisebenzi nabafuna ukushiya emikhakheni ethile, bangene kweminye.
Sinxusa izakhamuzi ukuthi ziqaphele ukungaluthwa ngabantu uma zifaka izicelo zemisebenzi.
“Seluleka ukuthi abantu bayeke ukulutha abanye ngemisebenzi engekho nokuthi noma yisiphi isikhala somsebenzi esikhishwa wuhulumeni sizokhangiswa emaphephandabeni athembekile nakwisizindalwazi sohulumeni wesifundazwe ku-www.kznonline.gov.za/kznjobs,” kusho ihhovisi likaNdunankulu.
Lithe lizibophezele ukwethembeka nokusingatha uhlelo lokuqasha ngendlela ecacile futhi engenagcobho, lakhuthaza abantu ukuqala baqinisekise ukuthi isikhala somsebenzi ababona sikhangisiwe sisemthethweni yini, babike kubona uma kukhona okusolisayo abakubonayo kusona.
“Sihlose ukuvikela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, siqinisekise nokuthi wonke amathuba avelayo anikezelwa ngendlela efanele nenobulungiswa,” kuphetha ihhovisi likaNdunankulu.