ZIMBIWE yinsele yazishiya emacikweni aKwaZulu-Natal njengoba iphekwa ngomhluzi wenye ngemicimbi yamaqembu ezepolitiki athula izethembiso zokhetho. Amaqembu abonakala enesasasa ngenkundla yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini,esina ededelana eyiqasha.
Kulindeleke ukuthi i-ANC yethule umqulu wezethembiso zokhetho ngoMgqibelo, enkundleni iMoses Mabhida eqanjwe ngesishoshovu sayo neSACP. Kulindeleke ukuthi amasango avulwe ngehora lesikhombisa ekuseni bese uMengameli Cyril Ramaphosa ekhuluma emini.
Kushanelwa amabala manje njengoba ukhetho lukazwelonke selukhonjwa eduze, wonke amaqembu ayazikhalela kubavoti ukuthi bawakhumbule. Kuyacaca ukuthi iKZN ifana nentombi efunwa yizo zonke izinsizwa njengoba kubhekwe okhethweni.
I-EFF kade isanda kuvimbezela eMoses Mabhida yethula izethembiso zayo zokhetho, kwakubomvu yonke indawo. Amaciko ayeqashiwe nakuwo mcimbi owawunezinkumbi zabantu.
Kule mpelasonto kulindeleke ukuthi uKhongolose wethule amaqhinga ayo okuzama ukubuyela emandleni wethule ezawo wenze nezethembiso. Kulindeleke ukuthi kugcwale amaciko ashiyelane inkundla.
NgoMashi 10, kulindeleke ukuthi kufohle indlovu njengoba i-IFP izobe yethula ezayo izethembiso. I-IFP isiqalile ukubonakala namaciko emcimbini yayo yokukhonga abantu.
Kuyo yonke imicimbi, amaciko ayazikholisa ngoba aqashwa ubuthaphuthaphu. I-ANC kade ihlola inkundla izolo yethembisile ukuthi umculo kuzobe uyidili likaMkhipheni. Ngaphandle kwalokho nje, amaciko abonakale ezothamela ukuhlolwa kwenkundla.
Ithimba labasebenzi be-ANC kodwa elingavunyelwe ukukhuluma nabezindaba liqinisekisile ukuthi amaciko azobe emaningi impela ejabulisa abantu ngoMgqibelo.
UDJ Siyanda, DJ Merlon noMondli Ngcobo bebekhona kuhlowa inkundla baqinisekisa ukuthi baqashiwe kodwa bangafuna ukwenaba kakhulu. I-ANC njengoba imatasa ikhonga abantu ezindaweni ezehlukene ukuthi baye enkundleni, amaciko abelokhu ebonakala kule micimbi.
Amaqembu ezepolitiki avamile ukusebenzisa amaciko adumile ukuheha abantu ukuthi bathamele imicimbi yayo