IBISONGELWA ngokuthi kayiyidle okokugcina imali yayo ngoba isizokufa induna yaKwaNongoma esocongwe ngoLwesibili ebusuku.
Umndeni kaMntwana uChomani Zulu, obeyinduna KwaMandlakazi, uveze ukuthi uthole umyalezo obumtshela ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe, ngaphambi kokuthi abulawe.
UZulu ushone emva kokudutshulwa ekwakhe, esigamekweni okulimale kuso amanye amalungu omndeni amabili.
Indodana kaZulu, uMntwana uMzwenhlanhla Zulu, uthe bese kunesikhathi eside uyise esongelwa, ubesanda kuthola umyalezo obumtshela ukuthi uzobulawa maduze.
“Ukhona umyalezo obusocingweni lwakhe, obuthi akayidle okokugcina imali yakhe ngoba bayeza bazombulala.”
UMntwana uMzwenhlanhla uthe ngaphambi kwalokhu zikhona nezinye izinsongo nezigameko ebezikhombisa ukuthi impilo kaZulu kayiphephile, wasola umbango womndeni.
“Noma-ke okunye bese kukudala kodwa zikhona izitha ebezaziwa, kukhona namagama asongayo. Kukhona izinsongo ebezenziwa yilungu lomndeni ezingezinhle. Kuke kwaba neziwombe impela kwaze kwashiswa nemizi.”
Echaza ngokuhlaselwa kukaZulu, uMntwana uMzwenhlanhla uthe utshelwe ukuthi kufike ekhaya elikhulu umuntu ongafunanga ukuzichaza, othe ufuna uZulu, kepha banqaba ukumvulela isango.
Uthe ngalesi sikhathi bese umndeni ulungisela ukulala.
“Angazi ukuthi kubuye kwenzakani ngoba emva kwalokho bathi bezwe sekuqhuma isibhamu. Kulimale uyisekazi nomshana ona-17 abesebelele ngesikhathi kuhlaselwa. Uyisekazi bafike bamdedela esibhedlela, umshana yena usesesibhedlela, basafuna ukumxilonga.”
Inhlangano Ubumbano Lwezinduna ikugxekile ukubulawa kukaZulu.
UMnuz Phakamani Dlamini woBumbano Lwezinduna, uthe bakhathazekile ngokubulawa kwezinduna, ikakhulukazi KwaNongoma.
“UNongoma njengoba uyihlalankosi, silindele ukuthi kube yilapho izinduna zizohlonishwa khona ngoba kuyazeka ukuthi zibekwe ukuthi zigade izwe leSilo.”
UDlamini uthe unxusa ukuthi izinduna zibhekelwe ngabaqaphi.
“Izinduna azinayo imali eyanele ukuthi zingaqasha abaqaphi. Uma kusenjena sisazoqhubeka sibhuqabhuqwe ngabantu abafuna izikhundla.
Njengamanje sizibona sidengwane njengoba singagadiwe. Kwawona lo msebenzi sesiyaqhubeka nje nokuwenza kodwa iqiniso wukuthi siwenza ngokusaba. Sihlezi sizibuza ukuthi ngabe kuzolandela bani.”
UDlamini unxusa amaphoyisa ukuthi aqaphe amalungu omndeni asindile ngesikhathi kusocongwa uZulu njengoba ekholwa wukuthi angaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe izigebengu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.