ABELINDWE ngezimvubu nezagila amalungu eDA abefuna ukumashela emahhovisi e-ANC eyokhalaza ngokucishwa kukagesi nokunyuswa kwawo.
Imashi yeDA igcine ingafinyelelanga emahhovisi e-ANC, eLuthuli House, njengoba amalungu e-ANC Youth League (ANCYL) ebephume ngezinkani ukuyowuvimba lo mbhikisho.
Amalungu e-ANCYL, amanye awo abephethe izimvubu nezagila, abefunga egomela ukuthi angeke avume ukuthi iDA ibe nombhikisho emahhovisi e-ANC.
I-DA ibihlele ukumashela emahhovisi e-ANC iyokhalaza ngokucishwa kukagesi okuqhubekayo ezweni nangokunikezwa kwe-Eskom igunya lokwenyusa ugesi ngo-18.65%.
Kepha uhlu lwezikhalazo zeDA lugcine lufundwa buqamama namahhovisi e-ANC ngenxa yokwesabela ukubheduka kodlame.
Amaphoyisa athwale kanzima ukulawula isimo njengoba amanye amalungu e-ANCYL ebefuna ukudumela amalungu eDA.
I-ANC isigxekile isenzo seDA sokufuna ukuzomasha emahhovisi ayo.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe imashi yeDA kufanele ibheke ezindlini zoMbuso ePitoli nasemahhovisi e-Eskom.
“I-DA ayiyeke ukusifaka umunwe esweni. Abazi yini ezindlini zoMbuso? Abazi emahhovisi e-Eskom? I-ANC akusiyona ehlinzeka ngogesi.”
UMabe uthe miningi imizamo eyenziwa uhulumeni we-ANC ukubhekana nokucishwa kukagesi.
Okhulumela iDA, uNksz Siviwe Gwarube, uthe banqume ukungabe besafika emahhovisi e-ANC ukuze bagweme ukubheduka kodlame.
“Amaphoyisa aseluleke ukuthi singafiki emahhovisi e-ANC. Sisihloniphile iseluleko semaphoyisa ngoba besingafuni ukuthi kube nodlame. Inhloso yethu bekuwukudlulisa umyalezo. Iqiniso ukuthi sikwazile futhi ukukwenza lokho.’’
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, usivikele isinqumo sabo sokuyobhikisha emahhovisi eDA.
“Ngiyezwa ukuthi kukhona abantu ababuza ukuthi ngabe asiwazi yini emahhovisi e-Eskom. Iqiniso ukuthi izinkinga ezibhekene ne-Eskom ziyimiphumela ye-ANC. I-ANC iyona edale izinkinga ezibhekene ne-Eskom yingakho namhlanje sinqume ukuzobhikisha la ngoba kufanele sibhikishe lapho kuqala khona inkinga.”
USteenhuisen uthe bazoqhubeka nokulwa nokucishwa kukagesi kanjalo nokunyuswa kwentengo yawo.
Uthe ukucishwa kukagesi kukhinyabeza umnotho wakuleli, wathi ukunyuswa kwentengo yawo kuzokhahlameza abantu bakuleli.
USteenhuisen uthe bazoqhubeka nemibhikisho yabo. Uphinde waveza ukuthi bazoqinisa umkhankaso wabo wokukhipha i-ANC emandleni njengoba kuza ukhetho lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.
“Sizolokhu sibaphuca amandla kancane kancane. Lokhu sizoqala ukukwenza kwizinketho zokuchibiyela ezizokuba khona ngaphambi kokuthi sibakhiphe ngokuphelele emandleni okhethweni lwangonyaka ozayo.”