IHLEHLISIWE ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-EFF KwaZuluNatal, obekufanele ibekhona ngempelasonto e-Olive Convention Centre, eThekwini.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi ingqungquthela ihlehle ngenxa yokuthi kukhona imicilikisho okusafanele iqedelwe. I-EFF igcine ukukhetha ngo-2018, kanti ubuholi sebuphelelwe yisikhathi sekufanele kukhethwe kabusha. Kubanjwa ingqungquthela nje, kulungiselelwa nokhetho luka-2024 ukuze lufike iqembu selimi ngomumo.
USihlalo we-EFF KwaZuluNatal, uMnuz Vusi Khoza uthe ingqungquthela izohlala kusukela ngo-Okhthoba 21 kuya ku-23.
“Izithunywa zethu ziningi kakhulu manje uhlelo lokuqinisekisa imininingwane yazo luthatha isikhathi, kwaphoqa ukuthi sihlehlise kancane,’’ kusho uKhoza.
Ihlehliswa nje, kuthiwa ushisa phansi umbango wezikhundla ngoba uKhoza ufuna ukubuyela njengosihlalo kanti iPhini lakhe uMnuz Mongezi Thwala, lizomphosela inselelo. Kuthiwa isikhundla sikaNobhala esiphethwe nguMnuz Sifiso Mthethwa sigaqelwe nanguMnuz Nkululeko Ngubane. Kumanje uNgubane unguMkhulumeli we-EFF esifundazweni kanti uyiPhini leMeya kuMasipala eMhlathuze.
Kuthiwa uhlangothi lukaKhoza lufuna uMnuz Vukani Ndlovu, oyikhansela eThekwini, ukuba abe ngunobhala wesifundazwe. UKhoza njengoba ewuSihlalo esifundazweni, uhola i-EFF eSishayamthetho sesifundazwe.
Mayelana nezikhundla uKhoza uthe uyakuqonda ukuthi usemseni wamagatsha eqembu azonikwa ithuba lokubeka imibono yawo engqungqutheleni.
I-EFF ibonakale ingenisa KwaZuluNatal, inyusa isibalo sezihlalo eSishayamthetho sisuka kwezimbili zaba yisithupha. KuMasipala weTheku banyukelwe yisibalo sezihlalo zisuka kweziyisishiyagalombili zaba wu-24.